Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Imeya ethule nodaba lokushayisa imoto yayo iqashelwa umasipala imoto kanokusho kanti kubikwa ukuthi basebenzisa u-R50 000 nyanga zonke.
Amaqembu aphikisayo athi le ngozi ibifihliwe emkhandlwini ekubeni umasipala ohlwempu usaphaza imali ngerenti emba eqolo.
Umasipala wase-Eastern Cape odonsa kanzima ukhokha imali efinyelela ku-R50 000 ngenyanga ukuze uqashele imeya yawo izimoto zikanokusho ngemuva kokushayisa imoto yayo, kodwa abakhokhi bentela bagcinwa ebumnyameni.
IMeya kaMasipala wase-Amathole u-Anele Ntsangani yashayisa imoto ku-N2 ngase-Qumrha ngesikhathi ihamba phakathi kwe-East London ne-Willowvale ngoMbasa ka-2024.
Imeya ibizishayelela ngoba umshayeli wakhe washiya umsebenzi futhi nonogada bakhe bengenazo izincwadi.
Kodwa ngokusho kokhulumela uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana (Cogta) uZolile Williams, uPheello Oliphant, osopolitiki abavunyelwe ukuzishayelela bona izimoto zombuso.
Amaqembu aphikisayo athi le ngozi ibifihliwe emkhandlwini, futhi uphule imithetho ethi zonke izingozi kumele zibikwe.
“Kuyashaqisa ukuthi imeya izithwese icala lokushayela imoto yomsebenzi okuholele engozini, okubi nakakhulu ukuthi umasipala ukhethe ukusivala lesi sigameko wabe usuqasha enye imoto ngaphandle kwemvume yomkhandlu.
“Lokhu kukhombisa ukungabi bikho kweqiniso,” kusho uSotswebhu we-UDM kumasipala wendawo uMbhashe.
Amakhansela e-EFF nawe-DA athi awakaze atshelwe ngengozi kunoma yimuphi umhlangano womkhandlu.
Kodwa okhulumela umasipala uSisa Msiwa uthi umkhandlu waziswa ngemibiko ye-Section 56D.
“Le mibiko iyacutshungulwa bese kuxoxwa ngayo ngokusebenzisa imigudu efanele kamasipala ngokuhambisana nezinqubo zokuphatha ezisezingeni bese ilethwa emkhandlwini ukuze iqashwe noma igunyazwe,” usho kanje.
UMsiwa uphinde wathi ibhukwana le-South African Local Government Association livumela izimeya ukuthi zizishayelele, okuphikisana nokushiwo i-Cogta.
Esithombeni esingenhla: Imoto esemthethweni yemeya kamasipala wesifunda sase-Amathole eshayiswe yiMeya u-Anele Nhlangani.
Umthombo: Sithunyelwe
