Usenkingeni owayenguSihlalo we-SAA uDudu Myeni

Toby Shapshak

Ngokwekhomishini kaZondo, lowo owayenguSihlalo we-South African Airways (SAA) uDudu Myeni kumele athweswe icala “ngokugxambukela” ngendlela engekho emthethweni kumabhizinisini enkampani yezindiza.

“Uqhubekile nokuba budedengu, wahluleka nokwenza umsebenzi wakhe ngendlela wazibandakanya kwinkohlakalo ngamabomu, waphazamisa inqubo yokuphathwa kwe-SAA, waletha uvalo nokwesaba kubantu futhi wenza izinqumo ezibucayi kwi-SAA okwaholela ekutheni isimo singabi sihle,” kusho uMphathi wamaJaji uRaymond Zondo.

Umbiko wokuqala kwemithathi obulindelwe ngabomvu ovela kwiKhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso, unikezwe uMengameli uCyril Ramaphosa ngoLwesibili.

UMyeni osekubonakala ukuthi wayengenalo nhlobo ulwazi ngomsebenzi, futhi engumngani omkhulu kwezombusazwe nowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, ube nguSihlalo wenkampani yezindiza kuzwelonke iminyaka emihlanu ngaphambi kokuba inkampani ihlangabezane nezinkinga.

Umbiko uthole ukuthi uMyeni usize ukukhwabanisa imali evela kuhulumeni wase-Free State enzela yena, waphinde wayifaka kwinhlangano iJacob Zuma Foundation (abenguSihlalo kuyo). Lokhu kwenziwe ngama-akhawunti amaningi asebhange, okuhlanganisa neyodwa yendodana yakhe uThalente, kanye neyalowo owavuma ukwethula ubufakazi kwikhomishini owaziwa ngo-Mr X.

Ikhomishini kaZondo isivulele uMyeni amacala obugebengu ngokudalula imininingwane ka-Mr X ngesikhathi ethula ubufakazi nakuba uZondo emtshelile ukuthi angakwenzi lokho.

UZondo uphinde wathi uMyeni kumele aphenywe ngamacala okukhwabanisa okwaholela ekumoshekeni kwemali eyizigidi ezingu-R800 ngesikhathi kunezingxoxo mayelana nesivumelwano sendiza ye-Airbus ne-Pembroke Capital.

OwayenguSihlalo we-South African Airways Technical (SAAT) uYakhe Kwinana kanye nommeli we-SAAT wophiko lwezokuthengwa kwempahla uNontsasa Memela nabo kufanele bashushiswe, kusho uZondo.

“Bafuna i-National Prosecuting Authority icabangisise ngokushushisa abaqondisi be-JM Aviation, amalungu ebhodi le-SAAT yangaleso sikhathi, okuhlanganisa uNkz Y Kwinana, kanye no-Adv uNontsasa Memela ngenkohlakalo noma ubugebengu obuhlobene,” kusho umbiko.

Izihloko zakamuva