Usenkingeni enkulu uthishanhloko ofake ingane ethoyilethi lomgodi ukuze ithole umakhalekhukhwini wakhe

Zukile Majova

Umfana oneminyaka eyi-11, ophoqwe nguthishanhloko wakhe ukuba angene emgodini ukuze athole umakhalekhukhwini kathishanhloko, kulindeleke ukuthi athole ukwelulekwa ngokuhlukumezeka kuleli viki.

Uthishanhloko wase-Luthuthu Junior Secondary School esigodini sase-Ncembu eduzane nase-Ugie, e-Eastern Cape ubonakale ehanjelwa ingqondo ngesikhathi efaka umakhalekhukhwini wakhe endlini yangasese yomgodi.

Okokuqala, wayalela abafundi abadala ukuthi bakhiphe enye indle yabantu ethoyilethi ngamabhakede. Ube eseyalela umfana webanga lesithupha ukuba akhumule abe nqunu ngaphambi kokuba umfana ehliselwe ethoyilethi ngentambo eboshwe ngaphansi kwamakhwapha akhe.

Uthishanhloko wayethembise umfana umklomelo wemali engama-R200 uma ethola umakhalekhukhwini wakhe echibini lendle yabantu, kodwa wenqaba ukukhokha ngenkathi umfana engawutholi umakhalekhukhwini.

Kunovalo lokuthi kungenzeka ukuthi umfana, ohlala nogogo wakhe, uthathwe ngoba engenabazali.

I-Khula Community Development Project ekhuthaza amalungelo ezingane e-Eastern Cape ihlele ukwelulekwa ngokwengqondo kwalo mfana oseyinhlekisa manje esikoleni futhi uyesaba ukuya endlini yangasese.

Isishoshovu uPetros Majola ohola i-NGO uthe umphakathi ufuna kususwe lo thishanhloko ngokushesha ohlwini lothisha, njengoba ehlulekile ukwenza umsebenzini wakhe wokuba ngumzali kule ngane.

“Sikholwa wukuthi lo mfana wahlukumezeka ngendlela embi kabi njengoba kubekiwe kuMthethosisekelo,” kusho uMajola.

“Sicela uMkhandlu Wothisha WaseNingizimu Afrika ukuthi umsuse ohlwini lwabasebenzi boMnyango ngokushesha.”

Abazali neKomidi Elibusayo lesikole besaba ukuthi ukufuduselwa kwengane kwesinye isikole kuzofana nokuhlukunyezwa kwengane.

UNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo u-Angie Motshekga phambilini wathi ziyizi-3 800 izikole ezweni ezisasebenzisa izindlu zangasese zomgodi.

Izihloko zakamuva