Usenkantolo umama onqume indoda isitho sangasese

Umama wase-Port Elizabeth owadlwengulelwa ingane, yabulawa yaze yayo lahlwa ethoyilethe lomgodi, wahanjelwa inqondo ngenkathi indoda eyenza lobugebengu idedelwa ngebheyili.

Kuthiwa umama lo kanye nabanye ababili babamba umsolwa base bemnquma umphambili.

Laba abathathu bazovela eNkantolo yesiFunda ePort Elizabeth ngoLwesithathu, basolwa ngokushaya ngenhloso yokulimaza kanzima.

Icala lokuqala lokubulala nokudlwengula lenzeka ngonyaka-2019 emphakathini wase-Rocklands, wase umsolwa ethola ibheyili.

UPetros Majola weKhula Community Development Project, okuyinhlangano engekho ngaphansi kwahulumeni – elwisana nodlame olubhekiswe kubantu bobulili obuthile, ifuna inkantolo ibe nozwelo.

“Nanoma ngingalugqugquzeli futhi ngingasoze ngilugqugquzele udlame, ngicabanga ukuthi ingalo yomthetho kufanele ikhuphule amasokisi ekulekeleleni izisulu zebugebengu Kanye nodlame olubhekiswe ebantwini besifazane kakhulu. Okwamanje umthetho ushaya ngoswazi oluncane abenzi bokubi uvele ubanike ibheyili nokwenza umonakalo kuzisulu, izihlobo kanye nabangani bazo.

“Ngicabanga ukuthi uma izinto ziqhubeka kanje, maduze sizobona iNingizimu Afrika engenamthetho. Siyazwelana nendoda esizophila impilo engejwayelekile ingenamphambili, kodwa uxhaso lwethu nokweseka kubheke enganeni engenacala ebineminyaka eyesihlanu ubudala yentombazane – eyadlula ezinhlungwini zokudlwengulwa yaze yabulawa iyo lendoda.”

Izihloko zakamuva