Usengumpetha wechess owafudukela nabazali bakhe eGermany 

Obaleke ezweni lakhe lase-Syria uHussain Besou(11) usephenduke umpetha omncane we-chess wase-Germany ukufakwa eqenjini lesizwe.

UBesou wayeneminyaka emine kuphela ngesikhathi eqala ukucela uyise ukuthi amfundise ukudlala i-chess. Uyise wathi cha, wabe esehlala eduze kwabadlali be-chess waze wavuma uyise. Ngemuva kokufunda kahle izinyathelo eziyisisekelo, uBesou wamangaza wonke umuntu ngethalente lakhe.

“Waqala wasitshela ukuthi yini okufanele ngabe siyenze ukuze sinqobe,” kusho uyise oneminyaka engu-43 ubudala, uMustafa.

UBesou uzomela iG-ermany emqhudelwaneni ose-Croatia ngasekupheleni kwale nyanga.

Umqeqeshi wentsha kazwelonke wase-Germany uBernd Voelker ubize uBesou njengomdlali ovelele.

“Uyashesha ukubamba i-chess lokhu kuyamangaza ngempela,” kubika i-Reuters.

Umndeni wakwaBesou wazinza e-Germany ngemuva kokubaleka ezweni labo ngo-2016 futhi izenzo zabo zokuqala kwakuwukuthenga isethi ye-chess base bethola ukuthi indodana yabo enekhono elikhuli mekuza ngakwi -chess.

Ngemuva kokujoyina iqembu uBesou wenze amagxathu asheshayo ezingeni elingaphezu kwabanye, abaqeqeshi banxusa ukuthi ancincisane ngaphansi kukahulumeni ngesikhathi eneminyaka eyisithupha kuphela ubudala.

Uthisha we-chess kaBesou, u-Andreas Kuehler, ukhumbule ukuzivocavoca ngesikhathi abadlali becelwa ukuthi bashintshe izinhlangothi maphakathi nomdlalo futhi bathathe iqhinga lezimbangi zabo.

“UHussain wenqabile ukujika ibhodi lakhe wakhetha ukuyeka ngokuphelele ukudlala,” kusho uKuehler.

Lo mqeqeshi uthe isifiso sakhe sokunqoba besinamandla.

Ehlelweni lokuba isihlabani se-chess samazwe ngamazwe, uBesou usekwazi ukukhuluma kahle ulimi lwase-Germany futhi uwine imicimbi eminingi kazwelonke.

UMustafa uthe kukhulu ukwesekwa okutholwe yindodana yakhe e-Germany.

“Ukube use-Syria ubezodinga umuntu onegunya elimesekayo ukuze enze kahle. Futhi nalapho ubengafinyelela esigabeni esithize.”

UBesou uthe njengoba emncane  kangaka unethuba lokuveza ikhono lakhe.

“Uma ngiwinile ngibonge uNkulunkulu ngalokho, uma ngihlulwa ngizozama ukuwina ngokuzayo.”

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: UHussain Besou

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva