Usengcupheni yokuphelelwa umsebenzi onenkinga kamazisi

Lubhalwe nguMasoka Dube

Sekuphele izinyanga uVhela Sibuyi wase-Rolle Village e-Bushbuckridge, e-Mpumalanga engakwazi ukuvula i-akhawunti yasebhange futhi akekho owayezimisele ukumtshela ukuthi kungani.

Kodwa ngemuva kokuba isikhulu sebhange siphenye ngodaba lwakhe, sigcine sitholile ukuthi umazisi wakhe wamiswa aboMnyango wezaseKhaya.

Ube eseqonda emahhovisi oMnyango wezaseKhaya wafika washaqeka uma etshelwa ukuthi umazisi wakhe wamiswa ngoba inombolo yawo ibisetshenziswa omunye umuntu.

Uthe wanikeza uMnyango weZasekhaya bonke ubufakazi ababufunayo okubalwa nencwadi yesikole afunde kuso esemncane kanjalo nesitifiketi sokuzalwa kodwa namanje akalutholi usizo.

Kusukela ngaleso sikhathi uSibuyi uthi impilo yakhe ibingelula.

“Bathe udaba luzolungiswa ngemuva kwezinyanga ezithile kodwa sekuphele iminyaka emithathu. Le nkinga  iyangihlukumeza ngoba angiwutholi umsebenzi ohloniphekile. Eqinisweni angikwazi ukwenza lutho. Njengamanje ngisebenza njengomshayeli futhi anginaso isiqiniseko sokuthi ngizokwazi yini ukuvuselela izincwadi zami zokushayela,” kusho uSibuyi okhathazekile.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi useke waya emahhovisi oMnyango wezaseKhaya e-Thulamahashe waphinde waya nasemahhovisi amakhulu ePitoli, kodwa akakaze aluthole usizo.

“Bengidonsa kanzima ukuze ngithole umsebenzi ngokugcwele ngoba akekho umuntu onesifiso sokuqasha umuntu engenawo umazisi. Maduze ngizolahlekelwa itoho ngoba ngeke ngikwazi ukuvuselela izincwadi zokushayela,” kusho uSibuyi.

USibuyi ungomunye wamakhulu abantu bakuleli abathintwa uMnyango wezaseKhaya ngokuvimba omazisi babo. 

NgoZibandlela ngonyaka ka-2020 uMnyango wabika ukuthi bangaphezu kuka-800 000 omazisi abavaliwe.

UThandeka Chauke we-Lawyers for Human Rights (LHR) useluleke uSibuyi ukuthi afake isikhalazo kwiKhomishini Yamalungelo Abantu bakuleli noma ehhovisi loMvikeli woMphakathi mhlawumbe aphinde avakashele inhlangano esiza kwezomthetho.

“Okwamanje i-LHR okuyinkampani yabammeli inamacala angu-114 ebhekene nawo. Angaphezu kuka-80% amacala e-LHR athinta izakhamizi zakuleli kanti ithola imibuzo mayelana  masonto onke ngomazisi abavalwa uMnyango wezaseKhaya,” kusho uChauke.

Okhulumela uMnyango wezaseKhaya, uSiyabulela Qoza akazange aphendule ophenyweni lwabezindaba yize ihhovisi lakhe likuqinisekisile ukuthi uyazi ngalolu daba.

Izihloko zakamuva