Menzi Magubane
Ngesikhathi uStuart Baxter eqashwa iqembu le-Kaizer Chiefs ngaphambi kokuba kuphele isizini, wanikezwa umsebenzi wokwakha kabusha iqembu aphinde afake izinguquko zokuthuthukisa iqembu. Kodwa isizini ye-DSTV Premiership yonyaka wezi-2021/22 isiqalile kanti sekukhona asebefuna akhishwe.
Iqembu le-Chiefs belimatasa ngeskhathi behambisa abadlali bephinde bethenga abanye abayishumi, kodwa kule midlalo emine kule sizini, kusadlala abajwayelekile ekubeni laba abasha basebhentshini.
Abadlali abasanda kusayinwa kubalwa uSifiso Hlanti, uKeagan Dolly, uPhathutsheedzo kanye noCole Alexander kanti yibona akade bedlala ngesikhathi abanye behlezi ebhentshini.
Kusenjalo, uStarlet Nkosingiphile Ngcobo oneminyaka engama-21, osedlale imidlalo engama-40 kule sizini ephelile, ubuyiselwe ebhentshini. Kubonakala kusazothatha isikhathi ukuthi adlali kule sizini.
Okwenza lolu daba lube bukhuni kakhulu, iqembu le-Kaizer lisanamaphoyinti amane kwayi-12. Imiphumela esanda kwenzeka, njengomdlalo obahlambalazile ngesikhathi behlulwa ngo 4-1 iqembu elisafufusa i-Royal AM akuzange kuhlale kahle lokho kubaphathi beqembu.
Kubukeka ngathi abaphathi babizele uBaxter umhlangano ophuthumayo ngoMsombuluko futhi kubikwa ukuthi uma ngabe ehluleka ukuqoqa amaphuzu abekiwe kule midlalo emithathu ezayo, uzoba umqeqeshi wokuqala ukuxoshwa kule sizini.
Abaningi eqenjini banethemba lokuthi u-Arthur Zwana kanye noDillon Shepard kumele ngabe banikezwa ithuba lokuhola Amakhosi ngendlela efanele.
UZwane wazi yonke into ngeqembu le-Chiefs. Ubedlalela iqembu iminyaka ngemuva kokusula kwakhe wanikezwa umsebenzi njengomqeqeshi osafufusa.
Kusukela lapho, wakhushulelwa isikhundla wanikezwa umsebenzi wokuhola iqembu kwi-Diski challenge. UGavin Hunt wafika wamkhuphulela iskhundla ukuba abe ngumsizi kaShepard.
Waxoshwa sekusele imidlalo emithathu ngesizini yonyaka wezi-2020/21. UZwane kanye noSharpard babefakwe njengabaqondisi futhi babewenza kahle umsebenzi wabo.
Ukufika kukaBaxter akuzange kwamukelwe abalandeli abaningi abaseka iqembu, kodwa babebona uZwane kanye noShapard kuyibona abalungele ukuhola iqembu le-Chiefs ukuze libuyelwe amandla akudala. Futhi ngendlela izinto ezihamba ngayo uZwane kanye noSharpad bangase bazithole besesihlalweni esishisayo futhi.
Umthombo wesithombe:@KaizerChiefs