USemenya uvunwe inkantolo ngeyobulili

UCaster Semenya usiwinile isicelo sakhe eNkantolo yaseYurophu yamalungelo abantu.

USemenya ochazwa ngokuthi “unomehluko ekukhuleni ngobulili,” wenqaba ukuthobela imithetho ye-World Athletics yokwehlisa i-testosterone ecaleni eliphikisa imfuneko.

Umsubathi wakuleli ophinde abe umpetha we-Olympic 800m amahlandla amabili phambilini iNkantolo yokulamula kwezemidlalo yasichitha isicelo sakhe kanti nenkantolo yokudlulisa amacala yase-Switzerland yasiphikisa lesi sinqumo.

USemenya wafaka icala lakhe ngokumelene ne-Switzerland njengengxenye yempi yakhe eqhubekayo.

Esinqumweni sayo iNkantolo yaseYurophu yamalungelo abantu ithe uSemenya akazange anikezwe izivikelo ezanele zesikhungo nezinqubo e-Switzerland ukuze abhekane nezikhalazo zakhe.

Kodwa-ke, lokhu kungokomfanekiso futhi akusichithi isinqumo se-World Athletics futhi akunikezi uSemenya imvume yokungenela umjaho we-800m.

UCaster Semenya owawina indondo yegolide kuma-Olympic Games e-London ngo-2012 kanye nakuma-Olympics ase-Rio ngo-2016 usaqhubeka nokulwela ilungelo lakhe lokuqhudelana ebangeni alithandayo ngaphandle kokwelashwa okwehlisa i-testosterone.

Luhlanganiswe nguMbhali we-staff

Esithombeni esingenhla: UCaster Semenya

Izihloko zakamuva