Usematheni umculi wakuleli uRingo

Sizwe Sibiya

Ngesikhathi umculi uRingo Madlingozi engundabamlonyeni ku-Twitter ngoLwesithathu, abantu baseNingizimu Afrika baqale ukhathazeke ngaye. Ikakhulukazi njengoba lokhu kuza ngemuva kokulahlekelwa yizihlabani ezifana noKuli Roberts, uPatrick Shai, uRiky Rick kanye noDJ Dimples ngokulandelana.

“Ngibone uRingo esematheni ngase ngiqala ukucabanga….. Ngithethelele, Jehova,” kukhala u-@LeeCore.

Kodwa ngenhlanhla uRingo ubesematheni ngoba ubefaniswa noBeyoncé noma uQueen Bey njengoba aziwa kanjalo.

Indodana kaRingo uPhila Madlingozi ongumculi, umlingisi nomdidiyeli wamafilimu udale umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi ebhala ku-twitter ethi lesi sihlabani somculo waphesheya esishade nosozigidi ongumrepha uJay Z, kumele ame kancane ekukhipheni izingoma ezintsha.

“UBeyonce kufanele athathe umhlalaphansi,”  kubhala oneminyaka engu-32 ubudala wase-Port Elizabeth ku-Twitter.

I-Bey-Hives, njengoba baziwa kanjalo abalandeli bakaBeyoncé, baziphindiselele kabuhlungu ngokucekela phansi igama likayise kaPhila.

“Ubaba wakhe wagcina ukukhipha ingoma ngo-2004 futhi naye akakwazi nokucula kahle. Masingakwenzi lokhu,” kusho u-@KabeloN embhalweni kaPhila.

Kodwa abalandeli bakaRingo nabo bangene engxoxweni ukuze bavikele uRingo, onezingoma ezifana nethi “Ndiyagodola nethi “Kum Nakum”, baphinde bambiza ngesihlabani somculo.

“Angicabangi ukuthi ubeqonde okubi. UBeyoncé angathatha umhlalaphansi manje futhi ayohlala e-Vegas, uma efuna. Unemali eyanele,” kuphendula u-@Echoesssz.

Akucaci ukuthi uPhila ubehlose ukufezani ngalo mbhalo, kodwa lo mlingisi oseke wawina indondo uvele wazifakela amehlo abantu ekhasini lakhe laku-Twitter, ememezela ukuthi umatasa ngengoma entsha. Namanje uhlelo oluthi “Bhayilam” alukakhishwa usuku oluzophuma ngalo kodwa lusafake igama lakhe ebalazweni futhi ngemuva kokuthi ekhishwe ohlwini lwabangu-16 kuma-Idols SA ngo-2015.

Umthombo wesithombe: @FreePhila

Izihloko zakamuva