Usemangalele iqembu lomculo elasebenzisa izithombe zakhe enqunu eseyingane

Sizwe Sibiya

Ingane enqunu eyafakwa esithombeni seqembu le-rock album ngowezi-1991 ebizwa nge-Nevermind imangalele iqembu ifuna imali ebalelwa kwizigidi ezingama-37 ngezinsolo zokuthi basebenzisa izithombe zakhe enqunu esayingane.

I-rock album yaba ungqa phambili emlandweni ngendlela eyayithandwa ngayo kwathi ingomba ethi-Nevermind kwaba yingoma eyathandwa kakhulu ezingomeni ezazikwi-album.

Isithombe sengane ebhukudayo eduze kwe-dollar bill elilengiswe entambeni yokudoba saba isithombe esaduma kakhulu kwi-20 century.

USpencer Elden owathathwa izithombe enqunu enezinyanga ezine uthe bahlukumeza amalungelo akhe.

U-Eldeni oneminyaka engama-30 uthe uhlukumezeke kakhulu ngenxa yaleli cwecwe lapho ebala khona “ukuhlukumezeka ngokomoya nokuhlukunyezwa kwelungelo lakhe lokuthathwa izithombe enqunu esemncane.

“Uthe le-album imenze wahlukumezeka eskoleni, futhi akakwazanga ukujabulela impilo yakhe ngesikhathi ekhula”.

Icala lifakelwe ezindaweni eziningi nakulabo abe-band abasaphila. Obalwa kulabo abamangalelwe uCourtney Love unkosikazi kaNirvana Frontman Kurt Cobain ongasekho.

UCobain wazibulala ngowezi-1994 kwasala uDave Grohl benoKrist Novoselic abahlukana phakathi ngemuva kokushona kukaCobain.

U-Elden uthe abazali bakhe abakaze banikeze labaculi imvumo yokusebenzisa isithombe sengane yabo futhi abakaze bakhokhelwe ngalokho, kodwa kunezinsolo ezithi ubaba wakhe wathola imali eyizi-3000 ngowezi-2008 ngemuva kokuthathwa kwezithombe.

Umthetho waseMelika uthi izithombe zengane enqunu engahlukunyezwanga ngokocansi abakwazi ukuthi icala le-pornography.

Ummeli ka-Elden uRobert Lewis unikeze inkantolo incazelo engajwayelekile wathi ukushuthwa kwengane esencane iyafana ne-ponorgraphy ngoba itshengisa ingane njengomdayisi womzimba.

UCobain waqala ukuba nomubono wokufaka ingane enqunu kwi-album ngemuva kokubuka i-documentary yomuntu wesifazane eteta ngaphansi kwamanzi. Lokhu kwakhombisa into esobala okuyilapho iqembu lathatha isinqumo sokusebenzisa ingane ebhukudayo.

I-Nevermind yaqhubeka yaduma cishe iminyaka engama-30 ngaphambi kokuba kuphume i-album. I-album yashicilelwa yi-Diamond status inkampani ebizwa nge-Recording industry Associatin of America(RIAA) ngowezi-1999 ngoNdasa.

Izihloko zakamuva