
Menzi Magubane
I-Al Ahly kaPitso Mosimane ikhuthazwe ukubuya kwesihlabani somdlali uPercy Tau kanye nonozinti wokuqala uMohamed El Shenawy ekulimaleni ngaphambi komdlalo wabo ne-Mamelodi Sundowns.
Lo nozinti kuthiwa usekulungele ukungena enkundleni njengoba bezobhekana ne-Sundowns emdlalweni ka-Group A we-CAF Champions League ngoMgqibelo e-Cairo International Stadium.
UTau usanda kuqala ukuzilolonga neqembu ngemuva kokulimala umsipha emasontweni ambalwa edlule.
Ngokwemibiko yase-Egypt, lo mdlali waseNingizimu Afrika usethubeni elingu-50/50 lokuthi abonakale edlala neqembu lakhe elidala.
UMosimane nokho angase alingeke ukuthi anikeze uTau ithuba lokuhlangana nozakwabo bakudala. Wazakhela igama kwi-Sundowns futhi wabamba elikhulu iqhaza ngenkathi iqembu liwina umqhudelwano wangonyaka ka-2016.
Ama-Red Devils azofuna ukulingisa okwenzeke ngesizini edlule kuMasandawana, lapho ehlule khona i-Sundowns ngo 3-1 sekuhlanganiswe yonke imidlalo yama-quarterfinal alo mqhudelwano.
Ngeledlule i-Sundowns ibibhekene ne-Al Ahly umdlalo waphela ngo 2-0 njengoba lo mdlalo ubuvuna abafana bakaMosimane. Umdlalo wokubuyela emuva e-Tshwane ububhekene nezigigaba ezingezinhle ngaphandle kwe-Lucas Moripe Stadium.
Abalandeli be-Sundowns babonakale behlambalaza uMosimane kwividiyo eqoshwe ngaphambi komdlalo, nokwagcina sekuyinto enkulu. UMosimane nabadlali bakhe baphumelele ukuvikela isicoco sabo se-Champions League.
Khonamanjalo, umqeqeshi we-Sundowns, uRulani Mokwena, ukugcizelele ukuthi izifiso zabo zidlulele ngale kokuhlula i-Al Ahly.
“Siyazi ukuthi yiqembu elinzima. Ngeke senze lelo phutha lokugxila kwi-Al Ahly. Sikwiqembu lapho amaphuzu angu-12 akubeke ethubeni lokungena kuma-Quarter-final njengabanqobi baleli qoqo,” kusho uMokwena.
Wengeze ngokuthi i-Al Ahly ingabanika amaphuzu ayisithupha kuphela bese kuthi asele kuzofanele baxoxisane neqembu lase-Saudi outfits i-Al Hilal neqembu lase-Sudan i-Al-Merrikh.
“Kufanele sibanikeze inhlonipho efanayo nale ongayinikeza i-Al Ahly,” kuchaza uRulani.
I-Sundowns, ehlale e-Egypt ngemuva kokudlala ngokulingana ne-Al-Merrikh ngoMgqibelo odlule, iyona ehamba phambili kuleli qoqo ngamaphuzu amane ngemuva kwemidlalo emibili. I-Red Devils isendaweni yesibili ngephuzu ngemuva komdlalo owodwa.
Umthombo wesithombe: @Goal