Uselivulile icala umfundi wasenyuvesi ocwasiwe

Dylan Bettencourt

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi avule icala lobugebengu mayelana nesigameko esenzeke enyuvesi yase-Stellenbosch.

Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape, uKaputeni Frederick van Wyk, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ummangali (20), uvule amacala okugqekeza nokucekela phansi impahla ngoLwesibili.

Inyuvesi iqinisekise ngoMsombuluko ukuthi umfundi obhekene necala, uTheuns du Toit, umisiwe futhi ukhishwe endaweni yokuhlala abafundi.

Abafundi bahlangane ngaphandle kwendlu ehlala abafundi e-Huis Marais ngoMsombuluko beyotelekela lesi sigameko befuna ukuthi umsolwa axoshwe.

UBabalo Ndwayana oyisisulu, uthe nakuba ezomxolela uDu Toit kodwa usazowavula amacala kanti ukwenzile lokho.

“Ngisahlukumezekile futhi ngibona sengathi udicizele isithunzi sami phansi wahlukumeza amalungelo ami. Kumele benze isibonelo ngokumxosha, ukuze nabanye bazi ukuthi ukucwasa ngokwebala akwamukelekile kwabamnyama nabamhlophe,” kusho uNdwayana etshela i-EyeWitness News.

Lo mfundi owenza unyaka wokuqala kwezolimo ubelele ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi umsolwa egqekeza igumbi lakhe echamela ideski lakhe, izincwadi  ne-laptop.

Lesi sigameko sichazwe njenge sokucwasa yinhlangano yabafundi i-South African Students’ Congress (i-Sasco).

“Ngesikhathi ephaphama umgilwa, umfana omhlophe onobandlululo ubechama etafuleni lakhe lokufunda, ezincwadini kanye nakwi-laptop.

“Ngesikhathi ebuzwa yisisulu ukuthi wenzani, uphendule ngokuthi iyona into abayenzayo kubafana abamnyama,” kufundeka isitatimende se-Sasco.

UNdwayana usethole ukwelulekwa yinyuvesi kulandela lesi sigameko esimshiye “ehlukumezekile”.

Inyuvesi ithe uphenyo lwayo ngalolu daba luzophothulwa ngoLwesibili.

UKaputeni Van Wyk uthe okwamanje bekungakaboshwa muntu.

Umthombo wesithombe: @CapeTownETC

Izihloko zakamuva