Usekwi-Action SA olaxaze i-DA

Celani Sikhakhane

OwayeyiMeya edumile ye-DA eMidvaal uBongani Baloyi ulaxaze iqembu lakhe wajoyina i-ActionSA.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uBaloyi uveze ukuthi uthathe isinqumo sokujoyina i-ActionSA ukuze akwazi ukusebenzela abantu.

UBaloyi uthe ukubuya kukaHelen Zille eqenjini kanye nezinkulumo ezibuhlungu zikaTony Leon ngoMmusi Maimane azihlangene nokushiya kwakhe iqembu.

NgoMsombuluko, uBaloyi wethulwe njengelungu elisha leqembu elizosebenza esigungwini esiphezulu esithatha izinqumo kwiActionSA.

Samsung Galaxy 14G

Uthe usekulungele ukungenela isikhundla sokuba uNdunankulu eGauteng.

“Uma ithuba elinjalo livela ngizofaka amaphepha afanele ukuze ngivume ukungenela ukhetho. Inhloso yami ukusebenzisana nobuholi be-ActionSA ukukhulisa iqembu ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2024,” esho.

Ngesikhathi uBaloyi eneminyaka engu-22 waqokwa njengekhansela le-DA esigcemeni sakhe kuMasipala wase-Midvaal ngaphansi kwesifunda sase-Sedibeng eNingizimu yeGoli.

Ngesikhathi eseneminyaka engu-26 waqokwa ukuba abe yimeya yesigungu sikaMasipala wase-Midvaal.

UBaloyi ube ngomunye wezimeya ezimbalwa umsebenzi wakhe ohlolwe ngumcwaningimabhuku wangafica nkohlakalo eminyakeni eyisikhombisa ilandelana.

Ngenyanga edlule ushiye i-DA kodwa wangaphumela obala ngokuthi ulibhekise kuphi.

NgoMsombuluko uthe uhlangane nomholi we-ActionSA uHerman Mashaba esidlweni sasemini okuyilapho anxenxwe khona ukuthi ajoyine leli qembu.

Uthe nakuba egcine evumile ukungena kuleli qembu, ucele uMashaba ukuthi akufihle lokho ngoba ubefuna ukuqeda ihlandla lakhe njengeMeya yase-Midvaal ngaphandle kokudala ukwethuka emphakathini wangakubo.

UMashaba uthe banesizathu sokubungaza ukufika kukaBaloyi njengoba bemthatha njengomholi osezingeni eliphezulu nonamava ikakhulukazi ekuphatheni izikhungo zikahulumeni.

Scrolla World Cup Quiz