Usekwa nawumphakathi wangakubo uMaya

Celani Sikhakhane

Omakhelwane bakaMandisa Maya oyiJaji kuwadi 32 eMthatha bachithe lonke usuku ngoLwesithathu bebuka inhlolokhono yakhe yesikhundla sokuba umphathi wamaJaji eNkantolo yoMthethosisekelo.

Abanye omakhelwane bebengayizwa kahle inhlolokhono yakhe njengoba ibiqhutshwa ngolimi lwesingisi kodwa bajabula ukubona ukuthi uMaHadebe noma uSis Mandi njengoba aziwa kanjalo ubekumabonakude kwinhlolokhono enkulukazi kuleli.

Ikhansela elingumakhelwane wakhe uLungile Makhenke utshele i-Scrollla.Africa ukuthi bayaziqhenya ngokumelwa iJaji uMaya njengongenele ukhetho lokuvala isikhala sika-Chief Justice Mogoeng Mogoeng.

“NgoLwesithathu, umphakathi wangakubo ubethe njo kumabonakude bebuka inhlolokhono yakhe,” kusho uMakhenke.

“Bayinakile indaba yokuthi usimele sonke, abafundile, abampofu, abangafundile kanye nomphakathi wethu wonke. Abantu bakumasipala wase-King Sabatha Dalindyebo bayamlandela akukhathalekile ukuthi uyasithola lesi sikhundla noma cha.”

Ilungu lomphakathi uGana Zukisa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kube kuhle ukubona umama wabo kumabonakude kazwelonke.

“Ungowesifazane oziphethe kahle ongathandi ukugqama. Simfisela konke okuhle,” kusho uZukisa.

IJaji uMaya wazalelwa endaweni yasemakhaya yase-Tsolo e-Eastern Cape eminyakeni engu-57 edlule.

Ufundele ubummeli eNyuvesi yaseKZN, ebizwa nge-Duke, i-GeorgeTown, ikolishi elibizwa nge-St John’s naseNyuvesi yase-Transkei.

Njengamanje unguMengameli weNkantolo eNkulu yokudluliswa kwamacala e-Bloemfontein.

Phakathi nengxoxo yakhe iJaji uMaya ufikelwe umunyu ngesikhathi uKhomishana uSylvia Lucas emtshela ukuthi umama wakhe kufanele aziqhenye ngaye nomaphi lapho ekhona ukuze abone indodakazi yakhe ihlula isimo esikhona emkhakheni osekuyiminyaka ubuswa amadoda. Uthe akafikanga eziNkantolo njengomuntu wesifazane kodwa weza njengomuntu nje. 

IJaji uMaya utshele ithimba ukuthi izingane eziningi ziyakwazi ukuthola imfundo esezingeni eliphezulu kulezi zinsuku kodwa ngeke azilinde zilethe uguquko.

“Sonke siwumkhiqizo weBantu education kodwa sikwazile ukufika ndawana thize. Lokhu kusho ukuthi ithina esingaletha inguquko kwezomthetho,” kusho uMaya.

Izihloko zakamuva