Lubhalwe nguLinda Ximba
Ngemuva konyaka engene empini eyaqeda impilo yomshayisibhakela uSimiso Buthelezi, uSiphesihle Mntungwa usekulungele ukubuyela eringini njengoba bese kuneskhathi agcina.
Impi yokugcina kaMntungwa wayebhekene noButhelezi bebanga ibhande le-WBF All Africa lightweight, impi yabo yaphela kabuhlungu ngesikhathi kuquleka uButhelezi owagcina eshonile ngemuva kwezinsuku ezimbili.
Lesi sigameko esishaqisayo sithole ukunakwa kwabezindaba emhlabeni wonke, abaningi besola uMntungwa ngokusebenzisa umuthi ukubulala uButhelezi.
KuMntungwa impi ehlelelwe inyanga ezayo imvulela ithuba lokubeka emuva okwenzikile aqale kabusha eringini. Ngemuva kokuthola ukululekwa, usebheke ukuqala kabusha aqhubeke nesibhakela.
Uphromotha u-Elias Tshabalala usemnikeze ithuba lokulwela ibhande le-WBA Pan African kanti uzobhekana noKaine Fourie.
“Sengizilungiselele “ kusho uMntungwa.
“Isicoco se-WBA sizoba isiqalo esisha kumina.”
UMntungwa uzobe ebhekene nembangi esabekayo uFourie, ongumpetha wase-Gauteng njengamanje futhi obhekwe ngabomvu.
Uphromotha we-Fantastic Promotions uTshabalala useyiqinisekisile impi ezoba e-Gauteng kanti uzomemezela eminye imininingwane maduze.
Osesithombeni esingenhla: USiphesihle Mntungwa
Umthombo wesithombe: I-Facebook