Usekulungele ukubuyela enkundleni u-Osaka

Dylan Bettencourt

UNaoimi Osaka usekulungele ukubuyela enkundleni ngemuva kokuthatha ikhefu ngenxa yokuphazamiseka kwengqondo yakhe. 

Lo mdlali owake wawina i-Grand Slam amahlandla amane uthe usejahe ukubuyela enkundleni adlale futhi, kulandela ukuphoxeka okwenzeke ngesizini edlule lapho simbone ehoxa kwi-French Open waphinde wahlulwa kwi- US Open, ngesikhathi idlalelwa ekhaya i-Grand Slam.

Kulandela ukuphuma kwakhe kwi-US Open, uthe wayethathe ikhefu kuyo yonke imidlalo ukuze abhekane nempilo yakhe ethinta isimo sengqondo. 

U-Osaka ubehlezi esivulela isifuba ngesimo sempilo yakhe ethinta ingqondo futhi lokho kwenza abasubathi babe nozwelo kuye, ikakhulukazi ngalesi sikhathi esinzima kangaka.

Lo msubathi oneminyaka engama-23 waphuma kwi-BNP Paribas Open eyayise-India ngoMfumfu ukuze azinikeze isikhathi sokululama njengoba wayenenkinga yokuphazamiseka kwengqondo yakhe. U-Osaka uqinisekisile ngalokhu ngesikhathi esohlelweni lwe-HBO “i-The Shop” wathi usazimisele ngokubuya kwi-tennis futhi usekulungele ukubuyela enkundleni.

“Ngiyazi ukuthi ngizodlala futhi, mhlawumbe maduzane nje. Nginethemba, kodwa futhi angeke kusho lutho uma ngabe ngiwina noma ngihlulwa. Ngizojabulela ukubuyela enkundleni,” kusho u-Osaka.  

U-Osaka, owaqopha umlando esaqala ukudlala, wangena kwinombolo ye-17 emazingeni omhlaba, selokhu wagcina lapho ukuthola inombolo encane ngonyaka wezi-2017.

Lo msubathi oseke wawina kabili kwi-US Open uthe izimo ezinzima zaqala zamkhathaza, waphinde wathi wayesehluleka ukuzijabulisa ngesikhathi kuqhubeka izimo ezinzima.

“Ngangiwuthanda umncintiswano nokuba kuwona. Uma ngabe kwakumele ngidlale umdlalo omude, ubude bawo yilapho nami ngangijabula khona kakhulu futhi kwakumnandi,” kusho u-Osaka.

Umdlalo wakhe olandelayo we-Grand Slam ungase ube se-Australia Open njengoba ulindeleke ukuba udlalwe ngoMasingana ngonyaka wezi-2022.

Umthombo wesithombe: @SkySports

Izihloko zakamuva