Usekubhaceni usonkontileka osatshiswa ikhansela

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Uhlalele ovalweni usonkontileka olungisa umgwaqo, uZanele Mofokeng, ngemuva kokuxhashazwa nokusatshiswa ngamadoda okuthiwa abethunywe yikhansela laku-ward 86 uNsizwa Mekgwe ukuthi ayeke ukusebenza kuNala Street eDuduza ngoLwesine olwedlule.

NgoLwesibili izakhamuzi zaseDuduza zigcwale umgwaqo zifuna amaphoyisa avikele uMofokeng ngesikhathi esebenza kule ndawo.

UMofokeng unikezwe inkontileka yeminyaka emithathu ngumasipala omkhulu wokumaka imigwaqo eMpumalanga ye-Ekurhuleni.

Iqembu ebelimhlukumeza belifuna ukuthi umasipala ukhiphe ithenda enkudlwana yokufaka itiyela ungagcini ngokukhipha elokumaka nje kuphela.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uMofokeng uthe ngesikhathi eya ekhanseleni ukulitshela ukuthi uzoqala ukusebenza kulendawo ngomhlaka-17 kuLwezi, uMekgwe wamtshela ukuthi ngeke kube nokumakwa komgwaqo okuzokwenziwa lapha futhi kusolakala ukuthi wasabisa ngokuthi lolu hlelo luzokwenzeka uma efile.

Ngosuku lwesibili esemsebenzini, ithimba lakhe lavinjwa iqulu lamadoda lithi lithunywe yikhansela.

“Kudingeke ukuthi ngibaleke ngiyobhaca ukuze ngiphephe nomndeni wami njengoba ngingazi ukuthi abasolwa bangenzani,” esho.

Eziphendulela, uMekgwe ukuphikile ukuthi yena nezihonga zakhe bawumisa lo msebenzi.

“Kungani ngingaphazamisa abahlinzeki bezinsiza ekubeni imithetho emile kamasipala ivimbela amakhansela ukuthi axhumane nabahlinzeki bezinsiza?” esho.

“Okungikhathazayo nje wukuthi imigwaqo ayihlonzile nasazosebenza kuyo isivele yonakele futhi kumele ilungiswe kabusha. Uyimaka kanjani imigwaqo edinga ukulungiswa?”

UMnuz Andile Mngwevu, oyi-MMC yoKuhlelwa Kwezokuthutha, Imigwaqo kanye Namanzi uthe azikho izizathu ezinqala zokuthi kungani kumele kumiswe ukulungiswa komgwaqo.

“Uma singazivuseleli izimpawu zomgwaqo, sizohlala nesimo esingesihle somgwaqo – okuhlanganisa nemigwaqo emnyama engaholela ezingozini endaweni.

“Ngezinhlelo zomkhandlu sizocela ukuthi silungise isabelomali ukuze sivuse umgwaqo. Ngeshwa ngeke sikwenze lokho [manje] njengoba umkhandlu usuzongena ekhefini,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uColonel Dimakatso Nevhuhulwi ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokusabisa.

“Akekho osaboshiwe, uphenyo luyaqhubeka,” esho.

Esithombeni esingenhla: Abahlali baseDuduza. 

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva