Usekubhaceni umculi ogxibha uhulumeni waseZim 

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Kusolwa ukuthi isihlabani somculo we-dance-hall sase-Zimbabwe, uWallace Chirumiko owaziwa ngelika “Winky D” usekubhaceni ngemuva kokwethulwa kwe-albhamu yakhe ethi-Eureka e-Harare ngoNcibijane.

Lo mculi we-dance-hall ucula ngezinkinga zansuku zonke zentsha yase-Zimbabwe futhi ucula ngokumelene nokungabi nabulungiswa emphakathini, inkohlakalo  nokuphanga.

Kusolakala ukuthi izingoma ezimbalwa ezitholakala kwi-albhamu yakhe entsha zibhekise kuhulumeni oholwa i-ZANU-PF njengoba ziveza ukungabi nabulungiswa kubantu abasha.

Kodwa-ke, umphathi wakhe uzichithile izinsolo zokuthi lo mculi ucashile.

“UWinky D akayena usopolitiki kodwa ungumhlaziyi wezenhlalo. Umculo wakhe uwubuciko obumsulwa futhi abantu kufanele bawuhlaziye ngendlela abafuna ngayo,” kusho uJonathan Banda engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa.

UBanda uthe uWinky D uphawula ngakubona kwenzeka emphakathini futhi ukuveza ngengoma.

“Abantu babona izinto ngendlela ehlukile, futhi asikwazi ukulawula lokho abakucabangayo, ngakho-ke kuhlezi kukubo ukuthi babone abafuna ukukubona emculweni wakhe,” echaza.

Kodwa-ke, uMqondisi we-ZANU-PF uTafadzwa Mugwadi usegxeke izingoma zikaWinky D – wathi bekuyisu lokucekela phansi abaculi abasafufusa.

“Lona bekuwumkhonyovu wokucekela phansi imisebenzi ngokuqasha ngokuyimfihlo ukuthi kube uhlelo olubekiwe. Abaculi bayalelwa ukuthi bayeke izingoma zabo ngokwehlukana ngaphambi kokuthi uWinky D eze neyakhe engalungile ayimatanise nezabo,” esho.

Phambilini lesi sihlabani somculo sike savinjelwa imithombo yezindaba eziteshini zomsakazo eziphethwe uhulumeni nge-albhamu ayikhipha ekuqaleni kuka-2019 ngemuva komyalelo kahulumeni.

Le-Albhamu yakhe yayinengoma ethi-“Ijipita” ehunyushwe ngokukhululekileyo ngeGibhithe eveza indaba esebhayibhelini yokucindezelwa kwama-Israyeli nokuyinto efana nomzabalazo wabantu base-Zimbabwe.

Esithombeni esingenhla: UWinky D

Umthombo wesithombe: Winky D Facebook page

Izihloko zakamuva