Usekubhaceni osolwa ngokwenza ucansi engashadile

Dylan Bettencourt

Isikhulu sesifazane seNdebe yoMhlaba sibalekele e-Qatar ngoba sisaba ukuthola isigwebo sokubhadla ejele nokushaywa amahlandla angu-100 ngecala lokwenza ucansi ngaphandle komshado.

Lokhu kungemuva kokuthi isikhulu, uPaola Schietekat wase-Mexico, ebike ukuthi umakhelwane wakhe umdlwengulile.

USchietekat ubephakathi kwekomidi elihlela i-Fifa World Cup yalo nyaka kwase kudingeka ukuthi abaleke kuleliyazwe kulandela izinsolo zokudlwengulwa.

“Angikukholwanga okwenzekile,” kusho uSchietekat etshela i-Noticias Telemundo.

Samsung Galaxy 14G

Isisulu (28), sithe umakhelwane wakhe wagqekeza efulethini lakhe ngoNhlangulana odlule wamdlwengula. Ngesikhathi ebikela izikhulu zendawo ngesigameko wagcina ephekwa ngemibuzo ngokwenza ucansi ngaphandle komshado.

Umsolwa uthi yena noSchietekat babethandana ngaleso sikhathi, nokuyinto ayiphikayo uSchietekat.

USchietekat unikeze amaphoyisa ubufakazi bemihuzuko yakhe yesigameko ngaphambi kokuyohlala ehhotela ngoba esaba ukuthi umhlaseli wakhe angahle abuyele emzini wakhe.

Ngesikhathi eya esiteshini samaphoyisa nesitifiketi sikadokotela, ngenhloso yokuyovula icala, la maphoyisa ambeka egumbini elilodwa nomsolwa ngesikhathi uphenyo lugxile kulowo okuthiwa wenze ucansi ngaphandle komshado.

“Bengiphithene ikhanda, ngabuza ukuthi kufanele yini ukuthi owesifazane osanda kushaywa aye yedwa esiteshini samaphoyisa ngaleso sikhathi sosuku. Wangiphendula wathi uma ngingayi umsolwa uzodedelwa,” usho kanje.

E-Qatar, umuntu othweswe amacala ahlobene nokwenza ucansi ngaphandle komshado ugwetshwa iminyaka eyisikhombisa ejele kanye nokushaywa amahlandla angu-100 uma lowo othintekayo eyiSulumane.

Njengoba uSchietekat ozogwetshwa ngenyanga ezayo engekho ebuyele e-Mexico, umsolwa ukhululiwe.

“Awekho amakhamera abeqonde ngqo emnyangweni wefulethi, ngakho-ke ibingekho indlela yokuqinisekisa ukuthi isigameko sokushaya senzekile,” kusho iziphathimandla.

Lo wesifazane wase-Mexico akasasebenzi kwi-Fifa, uyeke umsebenzi wamaphupho akhe ngesikhathi ebalekela ekhaya.

Umthombo wesithombe: @NBCNews

Scrolla World Cup Quiz