Usekubhaceni osinde ekubulaweni ngombango wendlu

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

USnowwy Salman usephenduke isiboshwa ekhaya lakhe ngemuva kokusinda emizamweni emithathu yokubulawa.

Isigameko sakamuva sokuhlaselwa kowesifazane (41) waKwa-Thema Ekurhuleni senzeke ngoMgqibelo.

Uthi uphunyuke ezandleni zomhlaseli wakhe ngenhlanhla.

Kusolakala ukuthi isigebengu sikwazile ukungena egumbini lakhe lokuphumula lapho abehlezi khona nezivakashi zakhe.

USalman utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzwe insimbi ebandayo yesibhamu entanyeni yakhe futhi ubecabanga ukuthi seziphelile izinsuku zakhe zokuphila.

“Izivakashi zami zisinqobile isigebengu savuma ukuthi  sikhokhelwe u-R5 000 ukuze singibulale ngoba nginqaba ukuphuma endlini yomuntu osithumile.”

USalman wengeze ngokuthi ngo-2016 wasatshiswa ngamadoda amabili ayehlomile ayalela yena nodadewabo ukuthi baphume emzini kayise kungenjalo kuzomele afeze imiyalelo yomuntu obathumile.

Ngobusuku bangaphambi kukaNcibijane nyakenye kwangena owesilisa owayehlomile endlini.

“Wangidubula kodwa wageja, ngakwazi ukubalekela kwamakhelwane wami ukuze ngiphephe,” kusho uSalman.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngemuva kokushona kukayise ngo-2015, intombi kababa wakhe yayifuna ukuthi yena nodadewabo uLiziwe Salman baphume endlini. Intombi yathi inencwadi yefa lapho ebhalwe khona njengomuntu ofanelwe ukuthola amafa.

USalman utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubaba wabo wabakhela umuzi ngo-2000 ngemuva kokwehlukanisa nonina. Uyise wabo wabasusa eKapa weza nabo Kwa-Thema.

“Leli yilona lodwa ikhaya esilaziyo ngisho noma besifuna ukuhamba asinayo enye indawo esingaya kuyo,” esho.

NgoMbasa lezi zelamani zathatha amaphepha zawayisa ophikweni oluphenya amacala akhethekile ukuze luphenye ngalolu daba. Kuthiwa kwatholakala ukuthi izigxivizo ezisencwadini yefa ngezomgunyathi kanti lezi zelamani zelulekwa ngokuthi zivule icala lokukhwabanisa.

“Abaphenyi bathi intombi kababa yaphinde yenza incwadi yegunya yomgunyathi, ngoba mina ngafaka isicelo sayo ngo-2015 kodwa imibhalo ibonisa ukuthi eyakhe wayithola nyakenye.”

USalman wengeze ngokuthi manje usephoqeleke ukuthi aphathe impempe njalo ukuze ahlabe umkhosi uma kwenzeka kuba nomunye umzamo wokumbulala.

Intombi kababa kaSalman ongasekho yenqabile ukuphawula. “Udaba lusenkantolo,” isho kanjalo.

Okhulumela amaphoyisa aKwa-Thema, uSayitsheni Nkululeko Magudulelo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokukhwabanisa nelokuzama ukubulala, wathi bekungakaboshwa muntu.

Esithombeni esingenhla: USnowwy Salman

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva