Usekhiphe ingoma yama-piano ekhuluma ngomdlalo we-Squid Game odlala ku-Netflix

Sizwe Sibiya

Umculi wama-piano uKvng Vinci usekhiphe ingoma ezoba impumelelo ekhuluma ngomdlalo odumile wase-South Korean, obizwa nge-Squid Game. Lo mkhiqizi wezingoma usekhiphe ingoma ngokugqugquzelwa yilo mdlalo ebizwa nge-Squid Game (Amapiano Remix)”. 

Ngaphakathi kule ngoma kaKvnh Vinci kuvela intombazane edumile kulo mdlalo ithi, “isibani esibomvu, esiluhlaza, okokuqala, okwesibili okwesithathu!” ngolimi lwase-Korea. Lokhu okushiwo intombazane kulokhu kuphindile ngesikhathi kuvezwa abantu kulo mdlalo bebulawa ngokudlala umdlalo oyingozi welambu elibomvu,  nelikuhlaza. 

Uthathe lo mdlalo othusayo kubabukeli kanye nomlingisi abayingxenye yalo mdlalo, wawuphendula ingoma yomdanso ehlanganisa i-deep house kanye nama-piano. 

Lo mdlalo owakhishwa mhla ziyi-17 kuMandulo ku-Netflix, obizwa nge-Squid Game uphenduka umdlalo wale plathifomu onempumelelo enkulu. 

Khona manjalo, ingoma ethatha imizuzu eyi-1:47 ekhishwe uKvnh Vinci njengamanje iyingoma ehamba phambili kunombolo-21 cishe inababukeli abayi-73,000 kuYouTube. 

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva