Sizwe Sibiya
Umculi nombhali wezingoma uNomfundo Moh ubuyisele iNingizimu Afrika eminyakeni yango-1980 ngengoma yakhe yakamuva ye-R&B enesihloko esithi “Phakade Lami”.
“Phakade Lami” kusho ukuthi “Ingunaphakade Lami” ngesiZulu.
Ingoma yothando ecishe ifane nengoma yomculi ovelele uMarven Gaye ethi “Sexual Healing” eyakhishwa ngonyaka wezi-1982.
Ingoma ihambisana nevidiyo yomculo egcwele izimbali eyakhishwa mhla ziyi-13 kuNcwaba kuwo wonke amapulatifomu asakazwayo.
Le ngoma iphethe u-Ami Faku – okumanje unengoma ethi “Abalele” kanye noKabza De Small noDJ Maphorisa esifinyelele phezulu kumashadi – noSha Sha obambe iqhaza elikhulu ekwakheni uhlelo lohlobo lomculo kumkhakha wama-piano.
Abaculi abathathu besifazane bayancomana kule ngoma emayelana nowesifazane olangazelela ukufika kwisithandwa sakhe osekunesikhathi eside engekho.
Akukhona okokuqala abaculi bekhipha ingoma ecishe ifane ne- “Sexual Healing”. Ingoma kaChris Brown yangonyaka wezi-2015 enesihloko esithi-“Back to Sleep” – enye yezingoma zakhe eziphumelele kakhulu ngonyaka wezi-2015 – kanti nayo inokufana okubonakalayo nengoma kaMarvin.
Le ngoma yaphumelela kakhulu okwaholela ekutheni ngonyaka olandelayo umculi wenza izingoma ezintathu nabaculi abayisishiyagalombili.
Khonamanjalo uNomfundo Moh okhiphe izingoma ezimbili eziphumelele ethi “Umthwalo” kanye nethi “Lilizela” ngasekuqaleni konyaka, isibukwe abantu abangaphezulu kwabayizi-165,000 ku-YouTube futhi ihleli kunombolo ye-9 kumashadi ezitayela zomculo, nevidiyo yomculo edidiyelwe nguSlowman.
Umthombo wevidiyo: YouTube