Usekhethe ukuphila njengengcanga

Arthur Greene

Owesilisa wase-Japan ufeze iphupho lakhe leminyaka lokuphila njengenja, ngemuva kokuthi akhokhe u-R250 000 wemvunulo yenja.

Amavidiyo kaToko-san egqoke njenge-border collie asabalale ku-TikTok, njengoba esezuze abalandeli abafuna ukulandela uhambo lwakhe olusha njengenja.

Njengoba ebukeka njenge-collie yangempela, uToko-san ubonakala egigitheka, ehogela futhi elele phansi phambi kophawu olufundeka kanje, “Ngiyajabula ukukwazi.”

Olunye uphawu lufundeka kanje, “Ngaphenduke i-collie ngoba bengifuna ukuba isilwane.”

UToko-san ukhokhele inkampani yemvunulo i-Zeppet ukuthi yenze ingubo ayfisayo ebiza izigidi ezimbili ze-Yen.

Eceleni kwezithombe zakhe egqoke le mvunulo, uToko-san ubhale wathi “Ngiyenze yaba i-Collie ngoba ibukeka ngathi eyangempela uma ngiyigqokile.

“Bengicabanga ukuthi isilwane esikhulu esisondele kusayizi wami womzimba singaba sihle – ngibone ukuthi kuzoba into yoqobo, ngakho nginqume ukuzenza inja.”

Ngeshwa, zonke izimpawu zibonisa ukuthi ngokungafani nama-collies angempela, uToko-san akasafuni ukulusa izimvu, kodwa okungenani ngeke aphinde abe i-melon-collie.

Izihloko zakamuva