Usehoshe imfe obenikezwe ithenda lokuhlinzeka izikole ngokudla eKZN

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ukwanda kwengcindezi mayelana nethenda yokuletha ukudla ezikoleni KwaZulu-Natal sekuphoqe usonkontileka obethole umsebenzi ukuthi ahoxe ngokushesha.

NgoLwesithathu, umnikazi we-Pacina Retail PTY Ltd, uPrince Sabelo Manzini Zungu uthumele i-email ephuthumayo kubaphathi boMnyango wezeMfundo e-KZN ebazisa ukuthi uyahoxa.

NgoLwesibili kuvele imibiko yokuthi inhlangano yomphakathi uMsinsi Wokuzimilele ubhalele i-Hilton College incwadi ifuna ukuthi izingane zikaZungu zikhishwe ekilasini.

“Le email iqinisekisa i-Pacina Retail PTY Ltd ukuthi iyahoxa kwinkontileka ye-NSNP. Zonke izindleko ezitholwe kwinkontileka ye-NSNP zizokhokhwa uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal,” kusho uZungu kwi-email esabalele nasezinkundleni zokuxhumana.

I-email iqinisekiswe ku-Scrolla.Africa ngumngani omkhulu kaZungu ngemuva kwemizamo engaphumelelanga yokumthola.

I-email ithunyelwe ngesikhathi uNobhala we-ANC esifundazweni uMnu Bheki Mtolo ekhuluma nabezindaba e-Seme House, eThekwini.

UMtolo uthe bathathe isinqumo sokuthi uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo uMbali Frazer ayinqamule inkontileka ngokushesha.

“Siyalele uNgqongqoshe njengomsebenzi wakhe ukuthi ayinqamule inkontileka.

“Kuyacaca ukuthi i-Pacina Retail PTY Ltd yehlulekile ukuhlinzeka abantu ngezidingo ngokwezidingo zamathenda,” kusho uMtolo.

UNdunankulu uNomsa MaDube Ncube naye umemezele uphenyo mayelana nokukhishwa kwale thenda, osekushiye izingane eziningi ezikoleni zase-KZN zingadli esikoleni.

Isithombe esingenhla: Umnikazi we-Pacina Retail PTY Ltd, uPrince Sabelo Manzini Zungu osekhethe ukuhoxa kwithenda ka-R2 billion

Umthombo Wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva