
Dylan Bettencourt
Umsubathi wase-Ukraine uZhan Beleniuk wawina indondo yegolide yesizwe sakhe e-Tokyo ngonyaka odlule. Ezinyangeni eziyisikhombisa kamuva waba ilungu lephalamende lokuqala elimnyama ezweni.
Ejwayele ukulwa kwi-wrestling mat, uBeleniuk ubona okwenzeka ePhalamende kushube kakhulu kunalokhu akujwayele, ikakhulukazi uma izwe lihlaselwa.
Esikhundleni samafayela nezincwadi edeskini lakhe ePhalamende, ama-drawers kaBeleniuk aqukethe izibhamu ezintathu kanye nebhomu njengoba belindele noma yini, kusho uZhan.
UBeleniuk uthe yena – kanye namanye amalungu ePhalamende – basohlwini lwabantu okumele basuswe olwakhiwe ngamabutho ase-Russia, wengeza ngokuthi ulindele noma ikuphi ukuhlaselwa okungenzeka.
“Anginalo ulwazi lwezempi, kodwa kufanele ngizilungiselele,” kusho uZhan.
“Kwi-Wrestling uma uhlulwa, lusakhona olunye usuku.
“Kodwa lapha ungafa noma inini. Futhi akuyona nje impilo yakho obuyifisa. Futhi akuyona impilo oyifisela umndeni wakho. Ikusasa lezwe lakho. Lezi yizibalo eziphakeme kakhulu ezake zaba khona, ”kusho uZhan oneminyaka engu-31 etshela i-The Guardian.
NgoNcwaba odlule uBeleniuk wathi ufeze iphupho lakhe lapho ayebanga igolide lama-olimpiki emcimbini we-Wrestling wamadoda angu-87kg i-Greco-Roman.
Manje, uthe uzizwa ebambekile “ephusheni elibi angeke alikholwe.”
UBeleniuk uchitha isikhathi sakhe ebhekelela izinkinga endaweni yangakubo kanye namasosha namavolontiya, kodwa ukungqubuzana okwenzekayo kunzima kakhulu.
“Enye yezinkinga ezinkulu esibhekene nazo ukuthi amasosha ase-Russia avimba izindawo ezisiza abantu kakhulu ngakho-ke abantu abanakho ukudla, amanzi kanti empeleni babulawa indlala nokuphelelwa ngamanzi emzimbeni,” esho ngomoya ophansi.
Umdlali we-wrestling ukwazile ukukhipha unina enkabeni yedolobha e-Kyiv, wengeza ngokuthi wamphazamisa ekwenzeni umsebenzi wakhe njengoba ekhathazekile ngaye.
Ngakho-ke, bekufanele ngimyise endaweni ephephile. Futhi nami kunginika indawo yokwenza umsebenzi okufanele ngiwenze,” kusho uBeleniuk.
Uthe akukho ukuqhathanisa phakathi kwempi nezemidlalo.
“Ngokwezemidlalo akukho ukwesaba ukufa okungalindelekile, noma ukwesabela umndeni wakho,” kusho uBeleniuk.
Umthombo wesithombe: @TheGuardian