Usefudukele kwiBayern ude Ligt

Razeen Gutta

Joyina uRazeen Gutta embikweni wamasonto onke wamadili amakhulu okudayiswa kwabadlali enzeka eNingizimu Afrika naseYurophu.

Njengoba kwenziwa izivumelwano ezinkulu kwi-Bayern Munich, i-Chelsea ibheke umdlali odlala emuva ngesikhathi umshayi magoli ohamba phambili uShalulile esazohlala kwiSundowns. Nazi ezakamuva!

EYurophu

UMatthijs de Ligt usevale inkontileka ka-£65 million (uR1.3 billion) eya kwi-Bayern Munich esuka kwi-Juventus kanti izingxenye ezimbili kwezintathu zaleyo mali yokuthenga ikhokhelwe ukuya kukaRobert Lewandowski kwiBarcelona.

ULewandowski usayine inkontileka yeminyaka emithathu, ngokombiko we-Sky Sports, lo mpetha we-Bayern uthi lokho kwenzeke gesikhathi i-Barcelona yakhe iveza ukuthi uyakholelwa ohlelweni lukaXavi neqembu.

UDe Ligt ngakolunye uhlangothi, usayine inkontileka yeminyaka emihlanu ne-Munich – kanti lo mdlali odlala kwi-centre back ube umdlali wesine ukusayina kwelikaJulian Nagelsmann ngemuva kukaSadio Mané, uNoussair Mazraoui kanye noRyan Gravenberch.

Njengoba kunezivumelwano ezenzekayo kwabadlala emuva kanye nabahlaselayo, umgqigqo wamaphakathi nenkundla uyaqhubeka njengoba i-Bayern Munich kanye ne-Manchester United befuna ukusayinisa uFrenkie de Jong.

Umdlali we-Barcelona (25) usephenduke isizinda sezinkinga zezimali ze-Catalans, njengoba leli qembu lisakweleta lo mdlali u-£17 million (u-R340 million), ngokusho kwemibiko. Kanti njengoba lo mdlali engathanda ukuhlala kwi-Barcelona, i-GOAL ibike ukuthi angathanda ukuya kwi-Bayern Munich uma kunesidingo.

Njengoba i-Man United yehluleka ukufuna umdlali, izimbangi zayo i-Manchester City azinayo inkinga yokukhipha abadlali.

Njengoba ezikaPep Guardiola sezivele zenza ibhizinisi ne-Gunners kuleli hlobo, kubonakala sengathi isivumelwano sika-£32 million (u-R640 million) sokudayisa umdlali wasemuva wase-Ukraine u-Oleksandr Zinchenko kwi-Arsenal singaqinisekiswa.

E-London yonkana kwi-Chelsea, ukwakhiwa kabusha kwezokuvikela zikaThomas Tuchel kuyaqhubeka njengoba uJules Kounde kanye noPresnel Kimpembe bobabili befunwa kakhulu yileli qembu, ngokusho kwemibiko eminingi.

Ngemuva kokuphuthelwa uDe Ligt kanye noNathan Ake, i-Blues isathungatha abanye abadlali abadlala emuva njengoba ukaputeni we-Senegal uKalidou Koulibaly esesayinile.

ENingizimu Afrika

Ngasohlangothini lwasekhaya, umshayimagoli ohamba phambili kwiMamelodi Sundowns uPeter Shalulile, usayine inkontileka entsha yeminyaka emihlanu nompetha be-DStv Premiership.

Lo mdlali odabuka e-Namibia uzohlala kuleli qembu ngemuva kokushaya amagoli angu-30 ngesikhathi iSundowns iwina umqhudelwano wasekhaya ngesitatimende seqembu elizimisele ngesizini entsha.

E-Soweto, i-Orlando Pirates ihlukane nomakadebona kakaputeni uHappy Jele. Lo mdlali (35) ukhethe ukungawuthathi umhlalaphansi futhi uzoshiya iqembu ngemuva kokudlala imidlalo engaphezu kuka-400.

Ngokombiko we-Soccer Laduma, iRoyal AM ikhombisa intshisekelo yokusayinisa uJele, nakuba kubikwa ukuthi lo mdlali usabheka izinketho zakhe.

Izihloko zakamuva