Usedlulile emhlabeni umshayisibhakela obesemncane kakhulu ngemuva kokuphuthunyiswa esibhedlela

Dylan Bettencourt

UJeanette Zacarias Zapata ongumshayi wesibhakela osemncane, ushonile ngemuva kwezinsuku ezinhlanu ashawa nge-Knockout kumjikelezo wesine ngesikhathi elwa noMarie Pier Houle.

UZapata wavele wadlikiza ngemuva kokufika kosizo oluphuthumayo. Wangena kwikhoma.

Lo mdlali obeneminyaka eyi-18 oqhamuka e-Mexico ubelwa noHoule ngesikhathi kuyi-GVM Gala ehlanganise amazwe e-Canada mhla zingama-28 kuNcwaba kwi-walterweight clash. 

“Zibuhlungu kakhulu lezi ndaba esizizwayo ngamalungu omndeni athi uJeanette Zacaria Zapata usesishiyile emhlabeni ngoLwesihlanu ntambama ngehora lesi-3:45pm”, kusho umgqugquzeli wemidlalo yesibhakela uYvon Michel.

UMichel udlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaZapata, ikakhulukazi kumyeni wakhe, uJovvani Martinez ohlale eduze kwakhe kwaze kwaba sekugcineni.

Umkhandlu omele abashayi besibhakela uthe uMengameli uMauricio Sulaiman, nabadlali bonke abashaya isibhakela be-WBC kanye nabo bonke abashayi besibhakela silahlekelwe kakhulu. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini kanye nabangani bakaJeanette. Sengathi umoya wakhe ungalala ngokuthula”.

Obekade elwa naye ubhale ezinkundleni zokuxhumana edlulisa amazwi enduduzo emndenini kanye nabalingani bakhe.

“Izindaba ezithi akasekho emhlabeni uJeanette Zacarias Zapata obengumpetha uma kuza ngokushaya isibhakela, zingiphatha kabuhlungu ziphinde zingishiye ngidangele” kusho uHoule. 

Ukushona kukaZapata kubikwa ukuthi kusaphenywa abaphethe abashayi besibhakela endaweni yase-Quebec e-Canada.

Umthombo wesithombe: @TheMirror

Izihloko zakamuva