Usedlulile emhlabeni uMarcus Lamb umsunguli wenethiwekhi enkulu kamabonakude eMelika

Arthur Greene

UMarcus Lamb, umsunguli wenethiwekhi kamabonakude yobuKristu enkulu kunazo zonke eMelika obengahambiselani nomjovo we-Covid-19 futhi engaguquki kulokho, udlule emhlabeni ngenxa ye-Covid-19.

Inethiwekhi yakhe i-Daystar ifinyelela kubabukeli abalinganiselwa emhlabeni wonke abangaba izigidi eziyizinkulungwane ezimbili futhi njalo ikhuthaza imibono ephikisana nokugoma.

Inethiwekhi enkulu iphinde ikhuthaze eminye imithi yokwelapha i-Covid-19, okungabonakali ukuthi iyasebenza.

Ngemuva kokuthi uLamb obeneminyaka engama-63 ethole ukutheleleka nge-Covid-19 emasontweni ambalwa edlule wangeniswa  esibhedlela, kubikwa ukuthi wazama izindlela zokwelapha ezahlukahlukene ezazikhuthazwa yinethiwekhi yakhe.

I-Daylight imemezele ukushona kukaLamb ngoLwesibili kwi-tweet ebifundeka kanje:

“Ngenhliziyo ebuhlungu simemezela ukuthi uMarcus Lamb, uMengameli nomsunguli we-Daystar Television Network, usedlulile emhlabeni uya ekhaya ukuyobona inkosi yakhe”. 

Ngemuva kokushona kukaLamb ngoLwesibili, unkosikazi wakhe uJoni uvele ku-Ministry Show yenethiwekhi wathi “uphethwe ukushisa kwamaphaphu ngenxa ye-Covid.”

“Ubekholelwa yikho konke esikhuluma ngakho lapha ku-Daylight, izinto ezisiza abantu abaningi emhlabeni jikelele ngokwelashwa kwe-Covid kusenesikhathi,” kusho yena.

“Sisamile kulokho.”

Singayincoma i-Daylight kanye nonkosikazi kaLamb ngokuphumela obala  ngokushona kukaLamb.

Ngesikhathi umvangeli waseNingizimu Afrika uSiva Moodley eshona ngoNcwaba, inethiwekhi yakhe ayizange itshele izethameli zakhe lezi zindaba.

Lokhu kungenxa yokuthi uMoodley wayethi angakwazi ukwelapha abagulayo futhi avuse abafileyo.

“Impilo yakhe ebuthaka yayifihliwe emabandleni futhi ukushona kwakhe kuyaphikwa manje ngoba kushayisana nezinkulumo zakhe zokuthi unamandla angaphezu kwawemvelo okuzithandazela yena nabanye,” kusho uSolomon Izang Ashoms umhleli wephephabhuku lamaKrestu i-Parable‚ etshela i-News24.

“Lezi ziteshi bezingenankinga nokusakaza udoti wakhe ngoba bezikhathalele imali kuphela. Manje abasasho lutho ngokushona kwakhe futhi nababukeli abazi ukuthi kuqhubekani. Banelungelo lokwazi iqiniso.”

Isidumbu sikaMoodley sesihlale emakhazeni aseGoli isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu.

Uma umndeni wakhe ungamlandi maduze, umkhandlu wedolobha uzophoqeleka ukuthi umngcwabe njengomuntu ophuma emndenini ompofu.

Izihloko zakamuva