Toby Shapshark
UMengameli wezwe uCyril Ramaphosa umemezele ngeSonto ekuseni ukuthi u-Archbishop Emeritus Desmond Tutu usedlulile emhlabeni.
URamaphosa uthe lesi sishoshovu ebesineminyaka engu-90 ubudala esake sahlabana ngendondo ye-Nobel Peace Prize “wayengumholi webandla, aphinde abe isishoshovu esimelene nobandlululo kanye nomkhankaso wamalungelo abantu emhlabeni wonke”.
UTutu wayemelene nezijeziso ezazenziwa umbuso wobandlululo futhi wayeyizwi elinamandla elimelene nobubi bobandlululo ngokuhlanganisa umphakathi wamazwe ngamazwe.
Waqhamuka nesisho esithi “Rainbow Nation” echaza izwe ngemuva kokuqokwa kukaNelson Mandela njengomengameli wokuqala omnyama nguhumuleni wentando yeningi. Babe ngamathe nolimi benoMandela.
Ngemuva kokulwa nesifo somdlavuza isikhathi eside, uTutu ushonele eKapa – ngemuva kokuchitha usuku lukaKhisimusi nomndeni wakhe. Uke wangeniswa esibhedlela ekuqaleni kwalo nyaka.
“UDesmond Tutu ubelithanda kakhulu izwe lakhe; engumholi onezimiso futhi ekwazi ukuxazulula izinkinga ngokuhambisana nemigomo yeBhayibheli njengoba ebekholelwa ekutheni ukholo olungahambisani nezenzo lufana nento engekho,” kusho uRamaphosa esitatimendeni.
“Umbhishobhi obehlakaniphe ngendlela exakile, eqotho futhi engenakunqotshwa amabutho obandlululo ubenozwelo kulabo ababehlushwa ngencindezelo, bengabutholi ubulungiswa, abahlukunyezwa ngodlame ngaphansi kobandlululo, kanye nabantu ababecindezelwe emhlabeni wonke.”
Wazalelwa e-Klerksdorp ngo-1931, waba ngowokuqala omnyama ukuba nguMbhishobhi waseGoli (iminyaka emibili) kanye noMbhishobhi Omkhulu waseKapa, kusukela ngo-1986 iminyaka eyishumi.
UTutu obengenakucindezelwa wayeyiva embusweni wobandlululo futhi wayeyisishoshovu esiqinile impilo yakhe yonke.
Waklonyeliswa ngendondo ye-Nobel Peace Prize ngo-1984 ngokulwisana nohulumeni wobandlululo ononya.
Umthombo wesithombe: Inhlangano iDesmond & Leah Tutu Legacy Foundation