Usededeliwe eqenjini umdlali we-Basketball ngemuva kokunqaba ukuthatha umgomo we-Covid-19

Dylan Bettencourt

Umdlali weqembu le-Basketball i-New Zealand udedeliwe eqenjini lakhe ngemuva kokunqaba ukuthatha umgomo we-Covid-19.

UTai Webster udlalela iqembu lama-Breakers i-Australia Basketball League (i-NBL), kanti ngesikhathi lo mdlali ethatha isinqumo sokuya e-Australia njengoba kuza isizini yemidlalo, isinqumo sikaWebster sokunqaba ukuthatha umgomo we-Covid-19 kuzokwenza uhambo lwakhe lube nezinkinga.

Ophethe iqembu uMatt Walsh uthe beseka noma ngabe isiphi isinqumo esithathwa abadlali mayelana nomgomo we-Covid-19.

“Iqembu lizohlezi livule umnyango uma uTai efuna ukubuya, kodwa siphila esikhathini esihlukile kanti ngaphambi kokuba amukele umgomo we-Covid-19 uzoba nenkinga yokukhululeka uma kudingeka ukuba siye kwamanye amazwe siyodlala” kusho uWalsh.

UWebster usayine isivumelwano seminyaka emibili neqembu ngemuva kwempumelelo yesizini yonyaka wezi-2020-2021, kodwa ukunqaba ukuthatha umgomo we-Covid-19 kuzosho ukuthi isivumelwano angeke sisaqhubeka.

Kulandela ukudedelwa kwakhe, uWebster ubhale ku-Twitter wathi: “ngabe kumele usebenze kanjani ukuze uthole inzuzo? Ngizibuzela mina.”

I-NBL ayikakagunyazi ukusetshenziswa komgomo we-Covid-19 kubadlali noma abasebenzi, kodwa ithi iyaqhubeka ngokufundisa abantu ngomgomo we-Covid-19 nokuthi kungani begcizelela ukuba abantu kumele bathathe umjovo.

Ukuqala kwemidlalo ye-NBL kulindeleke mhla ziyi-18 kuLwezi kanjalo nabalandeli kumele kugadwe isibalo salabo abazongena enkundleni yeimdlalo yonke futhi kuzoya ngokuthi igciwane likhula kangakanani e-Australia. 

Umthombo wesithombe: @Tjawtherula

Izihloko zakamuva