Usebuyile umshayisibhakela owadutshulwa

Linda Ximba

Eminyakeni emine edlule umsebenzi kaMzuvukile “Old Bones” Magwaca wawubonakala uphelile ngemuva kokuthi adutshulwe emlenzeni.

Kodwa uMagwaca akayeki kalula kanjalo. Manje usesayine inkontileka yokubhekana noSabelo Ngebinyana owayengumpetha we-SA junior bantamweight ngoLwesine oluzayo empini ehlelwe i-The Walt Disney Company Africa e-The Galleria e-Sandton.

Ukuwina kwabo bobabili laba bashayisibhakela kuzokwandisa amathuba abo okuphonsela inselelo inqwele yesizwe uBongani Mahlangu, osekumele avikele isicoco sakhe sokuqala.

UMagwaca wadutshulwa yizigebengu ngesikhathi ezithela phezu kwazo ebuyela ekhaya e-Eastern Cape ngemuva kokuzilolonga. Wazama ukulwa nazo kodwa wadubuleka emlenzeni ngenhla kwedolo.

Abaningi okuhlanganisa naye uMagwaca, babekholelwa ukuthi umsebenzi wakhe omuhle usuphelile.

Ngaleso sikhathi wayengumdlali wamazwe omhlaba eziqhenya ngerekhodi lokungahlulwa nezimpi ezingu-23 okubalwa kuzo imidlalo engu-20 ayinqoba, nemithathu ayi udlala ngokulingana.

Ukuwina kwakhe kwamenza wathola ibhande le-WBF, i-IBF Intercontinental kanye nele-WBA International bantamweight.

Ngemuva kokuchitha isikhathi eside ehleli ubuyele eringini ngoMbasa. Ubebhekene noSanele Maduna amkhiphe ngendlela eyisimanga ngomzuliswano wesibili.

Lokhu kuwina kubukeka kuyishintshile indlela  ophromotha abebengabaza ngayo  ukunikeza uMagwaca izimpi.

“UNkulunkulu usebenza ngezimangaliso. Ngisho nami ngangingabaza ukuthi ngizoke ngithole elinye ithuba. Ngisebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi leli thuba ngilibamba ngezandla zombili,” kusho uMagwaca.

Elungiselela impi yakhe noNgebinyana uthe, “Ngikubheke ngabomvu ukuhlangana naye. Ubelokhu ebanga umsindo ethi kusekude ukuthi ngilwe naye ngoba ngisalulama. Ngizomvala umlomo.”

UNgebinyana uhlule u-Ashley Sexton emzuliswaneni wesihlanu empini yakhe yakamuva ngoMbasa.

Okubuhlungu ukuthi uNgebinyana akakwazanga ukubuya nesicoco se-IBF International junior bantamweight ngenxa yokuthi wehluleka ukufinyelela esisindweni esifunekayo. Ngakho usedlulele esigabeni se-junior featherweight.

Izihloko zakamuva