Lubhalwe nguQueenEsther Iroanusi
Umculi wase-Nigeria uDavido ucule no-Aisha noTrinidad Cardona kowamanqamu eNdebe yoMhlaba ngeSonto.
Laba abathathu bacule ingoma ethi “Hayya Hayya” (Better Together) okuyingoma yokuqala esemthethweni yeNdebe Yomhlaba ye-Fifa 2022 enezingoma eziningi.
Bekungokokuqala uDavido ecula esidlangalaleni kusukela kwashona indodana yakhe u-Ifeanyi esigamekweni esibi sokuminza ngoMandulo.
Leli culo le-Fifa liculwa ngaphambi kwabalandeli abalinganiselwa ku-88 000 abebethamele enkundleni yase-Qatar, i-Lusail Iconic.
Umcimbi wokuvala lo mqhudelwano i-Fifa eyawubiza ngokuthi ubusuku obufanelwe ubuzohanjelwa umculi we-reggaeton wase-Puerto Rican u-Ozuna kanye nomrepha wase-France uGims nabambisene naye u-Arhbo.
Umculi wase-Morocco osezinze e-Canada uNora Fatehi, isihlabani se-pop sase-Emirati uBalqees, umculi wase-Iraqi uRahma Riad kanye nomculi wase-Morocco uManal bebecula ingoma ethi-Light the Sky.
Ngaphambi kokuthi acule uDavido wabelane ngezithombe ku-Instagram nonkosikazi wakhe uChioma obonakale emgqokisa ngaphambi kokuthi ayocula esiteji kanti ubefaka lesi sithombe okokuqala ekhasini lakhe kusukela ngoMandulo.
Ngaphandle kokuqopha umlando wokuba umculi wokuqala wase-Nigeria ukucula esiteji seNdebe yoMhlaba ye-Fifa,uDavido uphinde waqopha irekhodi elisha ngesithombe sakhe njengoba sibe isithombe esithandwa kakhulu ku-Instagram e-Nigeria esithandwe cishe abantu abangaphezu kuka-1.7 million.