Useboshiwe ‘umalume’ olwe namaphoyisa omgwaqo eshayela budedengu ehamba nezingane zesikole

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amaphoyisa omgwaqo abophe umshayeli wezokuthutha abafundi olwe nozakwabo eKapa.

Ividiyo yesigameko esenzeke ngoMsombuluko ekuseni ku-N2 isisabalele.

Kule video amaphoyisa omgwaqo abonakala ebambe umshayeli ovuza igazi ekhanda. Ividiyo ayibonisi ukuthi umshayeli ulimale kanjani.

???U-JP Smith, oyi-MCM yezokuPhepha nokuVikela edolobheni, uthe umshayeli ugwaze iphoyisa elilodwa ekhanda ngokhiye bemoto yalo.

Inkinga iqale ngesikhathi amaphoyisa eGhost Squad ebona umshayeli edlula ezinye izimoto ngesivinini ngaseBorcheds Quarry.

La maphoyisa asebenzise amalambu aluhlaza namasiren ukukhombisa umshayeli ukuthi ame, kodwa wenqaba.

“Bagcine bekwazile ukumisa imoto besizwa ngamanye amaphoyisa. Umshayeli utshelwe ukuthi uzoboshwa ngokushayela budedengu. Kuthe uma bezama ukumgaxa ozankosi wanqaba wagwaza iphoyisa elilodwa ekhanda ngokhiye bemoto,” kusho uSmith.

Umshayeli ube esethatha ipepper spray yephoyisa wayisebenzisa emaphoyiseni, wawashaya ngezibhakela wawakhahlela.

Uphindele emotweni yakhe, wadedela abafundi abathathu, wasuka ngesivinini. Kamuva umshayeli uphinde wamiswa kodwa waphunyuka ngokugxuma eqe udonga ebheke eBonteheuwel.

NgoLwesibili, umshayeli uboshwe eMnyangweni wezokuThutha eGreen Point ngemuva kokungeniswa ngumnikazi wetekisi.

“Uzothweswa icala lokwenqaba ukuboshwa, ukushaya, ukushayela budedengu,” kusho uSmith.

Umshayeli wetekisi, ongathandanga ukudalulwa, uvumelane nesinqumo somnikazi sokuthi alethwe emaphoyiseni.

“Ngicabanga ukuthi umnikazi wemoto wenze okufanele, kukhombisa ukuthi uyawuhlonipha umthetho futhi ufuna ukubuyiselwa imoto yakhe. Abanikazi akubona abatshela abashayeli babo ukuthi babalekele amaphoyisa, ikakhulukazi uma imoto inazo zonke izimvume,” kusho umshayeli.

ULulamile Damane, ongumgibeli, uthe umnikazi wemoto kumele abuyiselwe imoto yakhe.

“Ngifisa sengathi bonke abashayeli bangayithobela imithetho yomgwaqo okuhlanganisa nabashayeli bamatekisi nabezifundiswa, abantu abahamba ngeToyota Quantum ku-N2 benza izinto zibe nzima, ikakhulukazi ukudlula ngokungemthetho okudala izingozi ebezingagwemeka,” kusho uLulamile.

Isithombe esingenhla: Amaphoyisa.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva