Usebonakalise ikhono lakhe lokupheka owaseNigeria

Lubhalwe nguJayne Augoye

Owaziwa ngeNdlovukazi ye-Jollof ongowase-Nigeria, uHilda Baci usengene kwi-Guinness World Record ngokuba umpheki othathe isikhathi eside kunabo bonke emjahweni wokupheka.

Udlule irekhodi ngoMsombuluko ekuseni.

UChef Lata Tondon ubambe irekhodi lamahora angu-87 nemizuzu engu-45 e-Ndiya ngo-2019, kodwa umpheki wase-Nigeria ushaye leli rekhodi ngo-7:46 ekuseni ngomhlaka-15 kuNhlaba ngoMsombuluko okungamahora angu-87 nemizuzu engu-46.

NgoMsombuluko ebusuku, uBaci obegxile emjahweni wokupheka wamahora angu-96 ubesechithe amahora angaphezu kuka-96 ekhombisa amakhono akhe okupheka, esebenzisa izindlela zokupheka ezahlukahlukene zasendaweni kanye nezamazwekazi ukubeka i-Nigeria ebalazweni lezwe lokupheka.

Ezinsukwini ezine ezedlule, lo wesifazane oneminyaka engu-27 wenze izibiliboco eziningi ngokudla kwase-Nigeria, usebenzise izinhlobo ezingu-110 zokudla okuhlukene. 

Uqale ukupheka ngehora lesine ntambama ngomhlaka-11 kuNhlaba ngoLwesine futhi ubehlele ukuqhubeka nokupheka kuze kube ihora lesine ntambama ngoMsombuluko ukuze afinyelele kumgomo wakhe wamahora angu-96. Ugcine elifezile iphupho lakhe.

Uphinde wahlosa ukupheka amahora angu-100, njengoba epheke amahora angu-98 imizuzu engu-30 ngo-6:30 ntambama ngoMsombuluko.

Lo mqhudelwano uphinde wabonisa uBaci ethatha ikhefu lehora njalo emahoreni angu-12 okupheka.

Umjaho wokupheka wezinsuku ezine uhanjelwe osaziwayo abafana noTiwa Savage, u-Banky no-Adesua Wellington, uTeni ongusomahlaya, uSpyro, uMbusi uJide Sanwo-Olu, abe-networking,games nama-brand activations.

I-cook-a-thon ingumzamo womlingisi nomdidiyeli wakumabonakude okhombisa amakhono akhe okupheka. Uke wabonakala ezinhlelweni ezahlukene zokupheka zikamabonakude futhi wamela i-Nigeria emqhudelwaneni we-Jollof Faceoff ngo-2021, waphuma njengomnqobi.

Yize umqhudelwano uqale kancane ngoLwesine, usephenduke undabuzekwayo ngenxa yokwesekwa okukhulu abantu base-Nigeria.

Abantu abaningi ku-inthanethi bamfisele okuhle futhi osopolitiki nosaziwayo bamshayele ucingo noma badlula ukuze bamkhuthaze endaweni yase-Amore Gardens lapho kade epheka khona.

Yize esedlule irekhodi lokuqala, i-Guinness World Record ibhale ku-Twitter ngoMsombuluko ukuthi kuzoba nokubuyekezwa kobufakazi benqubo ngaphambi kokuba isenzo sakhe siqoshwe.

Izihloko zakamuva