Umlingisi we-Terminator ozibophezele ekulungiseni imigodi yase-California uphenduke inhlekisa ethi uzama ukwenza okulungile. Kodwa-ke, ayikho indawo engcono ngaphandle kokulungisa imigwaqo yaseMzansi, okuyiyona indawo egcwele imigodi?
NgoLwesibili, umlingisi osephenduke usopolitiki u-Arnold Schwarzenegger unqume ukuzama ukulungisa umgodi ophambi komuzi wakhe. Sekuphele amasonto ulimaza izimoto.
Isihlabani sase-Hollywood sithathe ifosholo, ikhamera kanye nabangane abambalwa, saqala ukuvala lowo mgodi.
“Ngiphume nethimba lami ngayolungisa umgodi,” ebhale ku-Twitter.
Kodwa-ke, u-Arnie angakuqaphelanga ukuthi lona akuwona umgodi ongawulungisa kalula empeleni bekungewona umgodi bekuwumsele nje omkhulu. Lo bekuwumsele ombiwe abasebenzi bezinsiza futhi bebenganeme ngakwenzile.
Izikhulu zedolobha lase-Los Angeles zikhiphe isitatimende zichaza ukuthi lo msele kuzodingeka ukuthi umbiwe futhi ukuze umsebenzi uphothulwe.
Kodwa okucatshangwe ilesi sihlabane kuyancomeka kakhulu.
Ngakho-ke, siphakamisa ukuthi emsebenzini olandelayo ka-Arnie kumele azolungisa imigodi yakuleli.
Akufanele kumthathe isikhathi eside, eGoli kubikwe ngemigodi engu-1,000 kuziphathimandla isonto ngalinye. Khonamanjalo, idolobha laseKapa kubikwa ukuthi likhipha imali elinganiselwa ku-R110 million ngonyaka ukuvalaimigodi engu-250 ngesonto.
Ngokwesilinganiso esithile kwelakuleli kunemigodi eminingi emigwaqeni kunezindlu!
Ngakho-ke, u-Arnie kumele athathe lokhu njengesimemo esisemthethweni eMzansi.
Luhlanganiswe ngu-Arthur Greene
Isithombe esingenhla: Umfanekiso ka-Arnold Schwarzenegger exazulula inkinga yomgodi
Umthombo wesithombe: I-Twitter (Arnie) / Sithunyelwe (ingemuva)