Farida Joyce
Umlingisikazi ophinde abe umdidiyeli wamafilimu uConnie Ferguson, ngenyanga ezayo uzokwethula inhlangano yokuhlonipha umyeni wakhe ongasekho uShona.
I-Ferguson Foundation izokwethulwa mhla zinhlanu kuNcwaba ngokusho kwesimemezelo somdidiyeli we-The Queen ngoLwesibili.
“I-Ferguson Foundation Gala Launch, eyisikhumbuzo somsunguli wethu uShona Ferguson, izoba ngoLwesihlanu mhla zinhlanu kuNcwaba kulo nyaka. Ngikubheke ngabomvu ukuthi nihlanganyele kanye nathi ekufezweni kwalo mbono nasekugubheni impilo yeqiniso yomgqugquzeli owayenothando,” kubhala uConnie kwi-akhawunti yakhe yaku-Instagram.
UShona washonawasishiya emhlabeni ngenxa yezinkinga ezihlobene ne-Covid-19 esibhedlela sase-Milpark ngoNtulikazi nyakenye eneminyaka engu-47. Wayengumlingisi kanye nomdidiyeli owaziwayo.
Umculi uNomfundo Moh uzobe ecula emcimbini wokwethula le nhlangano.
Kwi-website yayo, i-Ferguson Foundation izichaza njengohlelo oluzimele oluzinikele ngokweseka abantu ababencishwe amathuba emphakathini wase-Afrika ngenhloso yokubanikeza amandla kwezamabhizinisi, ezemfundo kanye nakumafilimu.
Le nhlangano izophinde ixhase ngemali yasenyuvesi kubafundi abahlanu abavela emindenini entulayo futhi izobaxhasa kuzo zonke izinhlelo zabo zeziqu baze baphothule.
“Uma ngingakwazi ukugqugquzela umuntu oyedwa ngalo msebenzi, umsebenzi wami usuphelile. Akukho mayelana nokuthandwa noma ukuphawulaukunconywa. Ngifuna nje ukufinyelela kulowo muntu oyedwa odinga isikhuthazo esincane bese ngithi kuye; UNKULUNKULU UYAKUTHANDA,” kubhala uFerguson.