
Sizwe Sibiya
Uma kukhona umuntu ongenza cishe noma yini ayifunayo ngu-Andile Mpisane.
Umculi osafufusa ophinde abe ngumdlali webhola osanda kunikela ngo-R210 000 ngesikhathi egubha iminyaka engu-21 ngoNdasa, useveze ukuthi uzokhipha ingoma entsha yama-piano esihloko sithi, Umakhwapheni.
“I-#makhwapenichallenge izophuma kungekudala!” kumemezela u-Andile ku-Instagram.
Ingoma ethi Umakhwapheni izoba ngeyokuqala ka-Andile ngemuva kokusayina nenkampani eqopha izingoma i-Def Jam Africa, esayinise lo mculi kulandela uhambo lwamazwe ngamazwe eMelika nosaziwayo abafana noRick Ross ngoNhlolanja kulonyaka.
“Kuyinhlonipho Emangalisayo Ukwamukela u-@andilempisane10 we-Royal AM Entertainment ku-Def Jam Recordings Africa!” Kubhala i-Def Jam Africa ku-Instagram, ngemuva kokusayinisa lo mculi ongakaze akhiphe ingoma eshisa izikhotha.
Khonamanjalo, u-Andile, oyindodana yowesifazane waseThekwini odumile ongusomabhizinisi nophinde abe isihlabani sakumabonakude, uShauwn “Mam’Khize” Mkhize, wenza izinto eziningi njengoba engumdlali webhola aphinde abe ngusihlalo we-Royal A.M edlalayo ku-DStv Premier Soccer League.
Umthombo wesithombe:Instagram