Usaziwayo uyalulama kwesohlangothi

Sizwe Sibiya

Umculi we-Afro-Pop kanye ne-R&B uLira ukhulule abalandeli bakhe abebekhathazekile ngokumemezela ukuthi useluleme ngemuva kokushaywa yisifo sohlangothi ese-Germany lapho ayeyocula khona ngenyanga edlule.

“Siyabonga ngothando lwenu olukhulu, ukungeseka nemikhuleko yenu. Ngiyalulama. Emzimbeni angithintekanga, ngiqinile futhi ngiwumqemane,” kumemezela lo mculi othandwayo ogama lakhe langempela nguLerato Molapo.

Ngomhlaka-19 kuMbasa, umndeni kaLira wamemezela ukuthi uyagula futhi uphuthunyiswe eNingizimu Afrika ukuze azolulama.

“Uthinteke kabi ikakhulukazi indlela akhuluma ngayo. Njengamanje ulashwa lapha eNingizimu Afrika, ithimba eliphezulu,” kusho umndeni wakhe esitatimendeni esifakwe ku-akhawunti yakhe ye-Facebook.

Ngokujabulisayo, ngemuva kwenyanga, ngoLwesihlanu, ngomhlaka-20 kuNhlaba, uLira uthe uyalulama ngokushesha futhi akasakwazi ukulinda ukuthi abuyele esiteji acule.

“Ngeshwa isifo sohlangothi sithinte indlela engikhuluma ngayo. Kodwa-ke ngenza inqubekela phambili enkulu nsuku zonke. Ngizothatha isikhathi ukuze ngigxile ekululameni kwami.”

“Ngicela niqhubeke ningibeke emthandazweni yenu. Angisakwazi ukulinda ukuthi ngibuye maduze,” kubhala uLira, osayine ngenhlamvu yokuqala yegama lakhe ethi “L”.

Izihloko zakamuva