Usaziwayo uthweswe iziqu

Farida Joyce

Owayengumsakazi we-YoTV uSipho “Psyfo” Ngwenya uthweswe iziqu ze-MBA eNyuvesi yasePitoli. 

Lo saziwayo ozoba ngubaba maduzane ungene ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu ezwakalisa injabulo yakhe ngomzamo awenza ukuze athole iziqu zakhe.

“Ukubekezela, ukuzidela nokufaka umfutho,” ebhala ezithombeni zakhe nomkakhe, u-Aamirah Msimang, emcimbini wokuthweswa kwakhe iziqu. “Kungijabulisa kakhulu ukuklonyeliswa ngomsebenzi engiwenzile.”

Ukwengeza lokho lo saziwayo ubonge iNyuvesi yasePitoli kanye ne-Gibs Business School ngezifundo ezinhle kanye nempumelelo yakhe emangalisayo.

“Ngineziqu ze-MBA,” eqhubeka ebhala ku-Instagram.

NgoNtulikazi unkosikazi wakhe wabelane ngevidiyo emnandi ezinkundleni zokuxhumana ememezela ukuzalwa kwengane yabo yokuqala. Wenza ihlaya ngokulungisa amabhanisi ashisayo kwividiyo wabe esekhipha i-sonogram.

Wabhala wathi: “Sinqume ukubhaka le-recipe futhi ngiyajabula ukusho ukuthi ngibe nenhlanhla okokuqala ngqa.”

UPsyfo no-Aamirah bashintshana ngezifungo emcimbini womshado oyimfihlo ngomhlaka-21 ngoLwezi ngo-2020.

Izihloko zakamuva