Usaziwayo usolwa ngokushaya unkosikazi wakhe

Farida Joyce

Unkosikazi kalowo owenza izinkulumo ezikhuthazayo uVusi Thembekwayo usefake isicelo sesehlukaniso, kanti usola umyeni wakhe ngokumshaya ephindelela phakathi neminyaka engu-13 beshadile.

I-Sunday World ibika ukuthi uPalesa Mahlolo-Thembekwayo usedalule udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kanye nokungathembeki njengembangela yesehlukaniso.

Wavulela usomabhizinisi icala lokushaya ngoZibandlela nyakenye esiteshini samaphoyisa e-Douglasdale.

Khonamanjalo uThembekwayo ubikele amaphoyisa ukuthi ngemuva kokubuya emsebenzini, ufice unkosikazi wakhe edakwe utshwala. Uthi wapakisha imithwalo yakhe wamxosha endlini yabo.

Isitatimende sommeli womsolwa sifundeka kanje, “Ngicela niqaphele ukuthi ikhasimende lethu lifisa ukucacisa ukuthi unkosikazi walo unomlando wokusebenzisa izidakamizwa kabi, uke weqisa inani lezidakamizwa amahlandla amaningi, futhi wangeniswa esikhungweni ukuze athole usizo mayelana nalokhu.”

Owenza izinkulumo ezikhuthazayo ungene ezinkundleni zokuxhumana waphika ukuthi uke washaya unkosikazi wakhe.

Esitatimendeni, uThembekwayo uthe, “Njengoba kunjena ngiyaziphika izinsolo futhi ngizokufakazela lokhu endaweni efanele futhi ngiyethemba ukuthi uMnyango wezoBulungiswa uzobhekana nakho ngendlela efanele. Bengilokhu ngingumgqugquzeli wokulingana, ngizinikele ekuqedeni zonke izinhlobo zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane futhi ngikholelwa ukuthi irekhodi lami liyazikhulumela kulokhu.”

Izihloko zakamuva