
Sizwe Sibiya
Umlingisi ophinde abe ngumsakazi wezindaba uSomizi Mhlongo uyiqale ngebatha isizini yesihlanu yohlelo lwakhe lakumabonakude i-Living The Dream With Somizi.
Ngemuva kokukhonjiswa kumabonakude okokuqala ngoLwesithathu mhla zizine kuNhlaba ku-Showmax, uSomizi ugxekwe ezinkundleni zokuxhumana ngokukhuluma kabi ngowayengumyeni wakhe uMohale Motaung ngesikhathi sohlelo.
Engxoxweni yocingo nomngani wakhe omkhulu, umculi uVusi Nova, uSomizi uthe “Mhlawumbe ubethenjiswe imali ngento yohlobo oluthile… Mhlawumbe bengilungele i-content, ngingazi ukuthi lokho kuzokwenzani esimweni sami, emsebenzini wami kanye nokudla kwami.”
USomizi utshele uVusi Nova ukuthi ufuna ukwazi ukuthi iziqeshana zengxoxo zezinsolo zokuhlukumeza uMohale zifike kanjani embikweni we-Sunday World.
Yize abantu besola uSomizi ngokusebenzisa uhlelo lakumabonakude ukuwisa uMohale, usaqhubeka nokudlondlobala.
Phezu kwesizini entsha ye-Living The Dream With Somizi, lesi sihlabani sikwazile ukubuyisa umsebenzi waso wokuba ijaji le-SA Idols ngesizini ka-18 yomncintiswano wokucula, ngemuva kokumiswa ngesizini ka-17 ngenxa yezinsolo zokuhlukumeza.
Usanda kwethula uhlelo lwezithandani olubizwa ngokuthi i-Lovey Dovey enoGabisile Tshabalala abahlanganyela naye esiteshini se-Moja Love ku-DStv – uhlelo olukhombisa izithandani eziwinile zihamba nomklomelo womshado okhokhelwe yonke imali kanye nemali engu-R500 000.
Umthombo wesithombe: Somizi