Usaziwayo usolwa ngokugxamalaza

Farida Joyce

UZakes Bantwini ummangalelwe ngokwephula isivumelwano sakhe ngemuva kokusayina izivumelwano namalebula amabili aqopha i-albhamu yakhe i-Ghetto King.

Lo mculi odumile wengoma ethi “Osama” umangalelwe u-R2.4 million inkampani eqopha izingoma i-Paradise Africa ngokusayina izivumelwano ezimbili.

UZakes wasayina isivumelwano ne-Paradise Africa, okuyilebula lokuqopha lamazwe ngamazwe ngoNcwaba nyakenye ngesivumelwano sokuthi isabalalise umculo wakhe emhlabeni jikelele.

Ngokomthetho lesi sivumelwano sibophezela lo mculi iminyaka eyishumi.

I-Paradise Africa ivumile ukukhokhela inkampani kaZakes i-Manyonin Records u-50% wenzuzo yonke ngokusatshalaliswa kwe-albhamu.

Lokhu kushayisana nesinye isivumelwano seminyaka eyishumi asisayina ne-Universal Music ngoMfumfu ngo-2016.

Isivumelwano phakathi kuka-Zakes ne-Universal Music sisho ukuthi akasenawo amalungelo ngokusatshalaliswa kwe-albhamu futhi wakwenza lokho.

“Ummangalelwa wayengenalo ilungelo, amandla kanye negunya lokwenza isivumelwano esisha,” kufundeka amaphepha.

Le nkampani ithe ukube bekungekhona lokho ngabe isebenzise i-albhamu kuphela nokuthi ithole inzuzo yokuhweba ngayo iminyaka eyishumi ezayo. Bathe uZakes ubezozuza imali elinganiselwa ku-R2.4 million.

“Kulezi zimo, ummangalelwa unesibopho semali engu-R2 402 754 kummangali,” kufundeka amaphepha.

I-Ghetto King, i-albhamu yesithathu  kaZakes, yakhishwa i-Paradise Sound System mhla zintathu kuZibandlela nyakenye.

Ngokwamaphepha asenkantolo ngokombiko we-Sunday World, i-Paradise ithi inelungelo lokusabalalisa izingoma ezilalelwayo nezibukwayo zale albhamu.

Le nkampani eqophayo iphinde yathi inelungelo lokusabalalisa izingoma zabaculi yonke indawo emhlabeni ngaphandle kwezinkundla zomculo zase-Afrika ezifana ne-Beatport.

I-Paradise iphinde yathi inelungelo lokusabalalisa okwenziwa umculi nge-albhamu eyaphuma ngoZibandlela nyakenye kodwa ngesivumelwano se-Universal Music. UZakes akanawo amalungelo kule albhamu.

UZakes akakaphenduli mayelana nalezi zinsolo.

Izihloko zakamuva