Usaziwayo uqoshwe ebalekela amabhomu e-Ukraine

Dylan Bettencourt

Isihlabani sase-Hollywood u-Angelina Jolie uphoqeleke ukuthi abaleke ayocasha ngesikhathi kukhala izinhlabamkhosi ngesikhathi evakashele edolobheni lase-Lviv e-Ukraine ngoMgqibelo.

Kuvele ividiyo yomlingisi oseqophelweni eliphezulu ebalekiselwa endaweni ephephile   ngesikhathi kukhala inhlabamkhosi evala izindlebe idolobha lonke.

UJolie ubonakale ehla egijima ezitebhisini ngesikhathi efuna ukuzivikela. Kodwa-ke, ubesanesikhathi sokubingelela umlandeli futhi emamatheka ethwebula isithombe ngesikhathi ezama ukucasha.

Kuzwakale izwi esiqeshaneni libuza ukuthi uphephile yini, naye ephendule ethi: “Ngiphephile!”

UJolie ubevakashele isifunda esithathwa njengesiphephe kunazo zonke ezingxenyeni ezisempumalanga yezwe. Lokhu kwenzeka naphezu kokuthi i-Lviv ibe indawo ehlaselwe ngamabhomi ngoMbasa

Inhloso yokuvakasha komlingisi kuthiwa ukuhlangana nezingane ezilahlekile nezintandane, into uJolie aseyibeke eduze kwenhliziyo yakhe iminyaka eminingi.

UJolie umangaze abalandeli ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi ebonwa esitolo sekhofi sendawo esifundeni.

Umkhulumeli we-United Nations High Commissioner for Refugees (i-UNHCR) uthe ukuvakasha kukaJolie e-Ukraine ukwenze “ngokwakhe”.

Umkhulumeli walo mlingisi (46) uthe ukuvakasha “bekuwukuzofakaza ngomthelela wale nxabano kubantu, kanye nokweseka izakhamizi.”

UJolie, Inxusa Elikhethekile LeZizwe Ezihlangene Lababaleki, uvame ukuvakashela izifunda ezikhungethwe izingxabano. Ngenyanga edlule uvakashele e-Yemen lapho izigidi zabantu ezidingisiwe khona ngenxa yempi.

Umthombo wesithombe: @Insider

Izihloko zakamuva