Usaziwayo untshontshelwe izindondo

Sizwe Sibiya

UZahara ongumculi ophinde abe ngumdidiyeli wezingoma ufuna izimpendulo ngemuva kokugqekezwa komuzi wakhe.

Kuthiwa kuntshontshwe izindondo eziyisithupha ze-South African Music Awards (SAMA).

UZahara, ogama lakhe langempela nguBulelwa Mtukana, uthe ubengekho ngempelasonto yePhasika ngesikhathi kugqekezwa umuzi wakhe oseGoli okokuqala ngqa eneminyaka eyishumi ehlala kuwo.

“Ngihambe ekhaya ngempelasonto yePhasika ngabuya ngoLwesine ngomhlaka-21 kuMbasa,” kusho uZahara etshela i-Drum.

“Bekungagqekeziwe endlini. Yonke into ibilapho engiyithole khona. Isela alizange lithathe enye into ngaphandle kwezindondo eziyisithupha ze-SAMA futhi ngizifuna zibuyile.”

Le ntokazi (34) yase-East London e-Eastern Cape isanda kugubha iminyaka engu-11 selokhu yaqala uhambo lwayo lokuqala ngo-2011, olwaqanjwa ngengoma yakhe yokuqala ethi Loliwe. Futhi manje njengoba esenama-albhamu amahlanu, uZahara ukhungathekile ngemuva kokuthi “kuntshontshwe izindondo zakhe aziqhenya ngazo”.

“Anginendaba noma umuntu engazishiya esangweni lami. Ngifuna kubuyiswe lezo zindondo,” kusho uZahara osevule icala esiteshini samaphoyisa ase-Honeydew. Kuthiwa okwamanje amaphoyisa asaphenya ngalolu daba.

Lo mculi oshisa izikhotha wengoma ethi “Phendula” uke waba sematheni phambilini ngezinsolo zokwephula imithetho yomvalelo, ngemuva kokuthi umakhelwane wakhe endaweni ahlala kuyo atshele amaphoyisa ukuthi ubebize izivakashi emzini wakhe.

Kuthiwa usola omakhelwane bakhe athi abamthandisisi kahle.

“Ezokuphepha ziqinile esangweni, akekho oke wabika ukuthi kugqekeziwe, futhi kusobala ukuthi bekuqondwe umuzi wami, kumele baphendule abantu engihlala nabo kule ndawo,” kusho uZahara osekumele athole izinto zokuhlobisa isitendi sakhe obekubekwe kuso izindondo eziyisithupha endaweni yakhe yokucima ukoma emzini wakhe.

Umthombo wesithombe: Drum

Scrolla World Cup Quiz