Sizwe Sibiya
Ngemuva kwempumelelo engakaze ibonwe ye-Podcast and Chill with MacG, umsakazi we-Metro FM nophinde abenguDJ uDineo Ranaka uselungele ukwethula isiqephu sokuqala se-podcast yakhe entsha ku-YouTube, i-Open ID With Dineo Ranaka.
URanaka usanda kuveza amazwibela esiqephu sokuqala, esizokhishwa ngoLwesithathu ngomhlaka-6 kuMbasa kwi-akhawunti yakhe yaku-YouTube
Lesi siqephu siveze uLesego “Blaklez” Moiloa, umrepha ozinze ePitoli nowayeyisoka likaRanaka, njengesivakashi sokuqala ohlelweni (ngokufana ne-podcast kaMacG, Le podcast izobukwa ngabaneminyaka engaphezu kwengu-18 kuphela).
Indima yama-podcast eMzansi ijabulela ukukhula ngokushesha nokwanda kwamuva kwenani labasebenzisi be-YouTube eMzansi.
Njengabaningi abenza i-podcast eNingizimu Afrika, uRanaka uyathembisa ukuthi angeke “acheme”, njengoba eqala ngokucabangisisa ngobudlelwano bakhe obungaphumelelanga nomrepha, ophinde abe nguyise wengane yakhe yesibili, uKopano.
I-podcast kaMacG, ayenza noSolomzi “Sol” Phenduka kanye nomethuli wesifazane ongadalulwanga igama obizwa “ngelikaGhost Lady”, isifinyelele kubantu abangu-540,000 ababhalisile kusukela isiqephu sayo sokuqala sasakazwa ngo-2018.
Khonamanjalo ngeSonto, uRanaka ubhale ku-Instagram ukuthi usehlukene noyise wengane yakhe yokugcina ngemuva kweminyaka emibili beshadile.
“Kwakufanele yini ukuhlukanisa? Impela kwakufanele!!!!!!!!!!!!” Kubhala uRanaka ku-Instagram ngesikhathi enza lesi simemezelo.