Usaziwayo ufaka eyesehlukaniso

Sizwe Sibiya

Ngemuva kokukhipha ifilimu yakhe yothando ngoSuku Lwezithandani enesihloko esithi-“No Love Lost”, umdidiyeli wezemidlalo uMinnie Dlamini umemezele ukuthi uzofaka isehlukaniso.

Labashadikazi abanendodana eneminyaka emibili ubudala, bashada emcimbini owubukhazikhazi owasakazwa ngokukhethekile njengohlelo olubizwa ngokuthi “Becoming Mrs Jones” ku-Showmax ngo-2017.

Umshado wabo  kwakuwumkhiqizo wokuqala kaMinnie okhiqizwe inkampani yakhe i-Beauty Day Productions.

“Ngemuva kwezinyanga sihlukene, sibonisane nomndeni kanye nabeluleki, sathatha isinqumo sokufaka isehlukaniso ngokusemthethweni,” kusho isitatimende asikhiphe nomyeni wakhe uQuinton Jones ngoLwesibili ku-Instagram.

Samsung Galaxy 14G

“Sisengabangani, osomabhizinisi kanye nabazali abathanda indodana yabo,” kubhala uMinnie ecaphuna isitatimende esifakwe njengesithombe.

Njengoba lesi sitatimende sibhebhetheka, ezikhundleni zokuxhumana baqale ukuqagela ukuthi kungaba yini imbangela yesehlukaniso sabo.

“Imishado ye-Showmax ayihlali. Kwaqala kwaba nguSomizi, manje sekunguMinnie,” kubhala uLebogang Mzansi ku-Twitter.

Abanye baye bancokola ngalesi simo.

“Sidinga i-reality show ebizwa ngokuthi i-Unbecoming Mrs Jones,” kubhala uTicha Molife ku-Twitter.

Ifilimu ethi “No Love Lost” imayelana nezithandani eziya eholidini lothando ukuze zigubhe unyaka wabo wokuqala beshadile. Lapho bahlangana nesithandwa sakudala  salo wesifazane futhi lo wesifazane uqala ukungabaza ukuthi imizwa yakhe kulona ayethandana naye isidlule ngempela yini. Lona umkhiqizo wesithathu kaMinnie ngempumelelo ne-Showmax.

Scrolla World Cup Quiz