Usaziwayo uchitha eyokuthi uyagula

Sizwe Sibiya

Omunye wabaculi abayintandokazi eNingizimu Afrika, uSamthing Soweto, usephumele obala  ngemuva kokusabalala kwezindaba zokuthi “uyagula” ezinkundleni zokuxhumana ngeledlule.

“Aninalo iphutha; Kuningi engibhekane nakho,” kusho uSamthing Soweto kwividiyo ayifake ku-Instagram ngoMsombuluko, ngomhlaka-23 kuNhlaba.

Konke kuqale ngesikhathi lo mculi wengoma eshisa izikhotha ethi “Akanamali” efaka isithombe sakhe ku-Instagram ecela abantu ukuthi bajaje “umsebenzi ka-Andrew”, ebhekise komgunde izinwele. Abantu bakhethe ukungamnaki lowo ogunda izinwele kodwa bagxila ekwehleni kwesisindo somziba kaSoweto.

Lesi sihlabani sichaze ukuthi sesiyishintshile impilo yaso ngokudla ukudla okunempilo nokuzivocavoca.

“Angazi ukuthi @samthingsoweto una ziphi izinkinga kodwa ngifisa sengathi engalulama, uNkulunkulu ambusise,” kubhala uGift Momo ku-twitter, eqhathanisa isithombe sakamuva sikaSamthing Soweto nesakudala.

“Anginankinga. Ngikahle. Angiguli,” kuphendula uSamthing Soweto kwividiyo yemizuzu engaphezu kwemithathu enesihloko esithi “Asikhulumeni ngesisindo sami”.

“Ngisanda kushintsha indlela yami yokuphila. Kunezinto engingasazenzi, engingazidli futhi ngiyazivocavoca nsuku zonke,” kusho uSamthing Soweto ohehe ukuzwelwa ngabanye osaziwayo.

“Ngiyakuthanda… unendawo ekhetheke kakhulu enhliziyweni yami,” kuphawula umculi we-“Xigubu” uFiesta Black kwividiyo ayifakile.

“Dawg, ngiyakuthanda. Uzophila. Uyamangalisa. Hlala unjalo,” kwengeza umrepha ophinde abe ngusomabhizinisi uCassper Nyovest.

USamthing Soweto ubonge abalandeli bakhe ngokumvikela kula mahlebezi. “Lindelani ingoma entsha ezophuma,” esho. “Kufanele ngimemezele usuku maduze, ngizolumemezela. Lindelani zonke lezo zinto.”

Umthombo wesithombe: Instagram

Scrolla World Cup Quiz