Usaziwayo uchaza ngodaba lobulili bakhe

Sizwe Sibiya

Yonke into inesikhathi sayo. NgoLwesine, ngomhlaka-28 kuMbasa, isihlabani sama-piano uDJ Uncle Waffles igama lakhe beligcwele ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kwamahlebezi okuthi “ushintshe ubulili” nokuba yingxenye yomphakathi “we-LGBTQ”.

Imibono ngo-Uncle Waffles ehambisana nezithombe zakhe enamalungu athile omphakathi we-LGBTQ, kwenza lo saziwayo azizwe sengathi kufanele achaze ubulili bakhe emphakathini.

“Umbuzo wwangempela uthi zisho ukuthini lezi zithombe? Kunalokho nizama ukwehlisa isithunzi abantu abangahlangene nalokhu. Manje sekumele ngichaze ubulili bami ngenxa yendlela engakheke ngayo emzimbeni wami nangenxa yamahlebezi? Niyaxaka nina,” kubhala u-Uncle Waffles ku-Twitter, wengeza ngokuthi akanankinga namalungu e-LGBTQ.

“Akukwazi ukuthi njalo ninento eningayisho. Ngingumngani oziqhenyayo womphakathi wabashintshe ubulilj, Nakanjani nizohlezi ninokuthile enizokusho.”

U-Uncle Waffles, osanda kugubha isigidi sabalandeli ku-Instagram, ubesematheni ngezindaba ezinhle ngemuva kokuthi abameleli bakhe beveze ukuthi uzosayina ne-OVO Sound, ilebula yokuqopha yomrepha uDrake ngesonto eledlule, kodwa kuleli sonto izinto zishintshile.

“Masikhumbule futhi ukuthi ngoba nakhu umuntu engusaziwayo akumenzi umngani wakho,” usho kanje.

Scrolla World Cup Quiz