Usaziwayo othanda imidlalo uthole ukuhlukumezeka ku-Instagram

Sizwe Sibiya

Usaziwayo osakaza kumabonakude esiteshini se-Twitch uLydia Ellery ubelokhu esebenzisa igama elithi-@squidgame ku-Instagram kusukela ngonyaka wezi-2012 futhi akukaze kwaba khona inkinga.

Kodwa ngemuva kokuphuma komdlalo odumile obizwa nge-Squid Game ku-Netflix, uthi abalandeli balo mdlalo kusolakala ukuthi bebemhlukumeza futhi bakhalazile ngaye mayelana nokusebenzisa leli gama. I-Akhawunti yakhe ku-Instagram ibe isivalwa okwesikhashana. 

Yize egcine enqobile ekugcineni, kodwa bekumele abekezelele ukumiswa kwe-akhawunti yakhe. 

“Ngicabanga ukuthi abantu abaningi kade bezama ukungena kwi-akhawunti yami noma bakhalazile ngayo, okuholele ukuthi i-Instagram ivale i-akhawunti yami,” kusho uLydia, wase-Bistol e-England. 

Lo saziwayo oneminyaka engama-32 onabalandeli abayi-30,000 ku-Facebook ubhale ku-Twitter mhla zi-8 kuMfumfu ukuthi i-Akhawunti yakhe ivaliwe. 

Njengeminye imidlalo, u-Ellery usakaza bukhoma kwisiteshi saku-Twich kanye ne-Yogscast YouTube edlala imidlalo yevidiyo. 

Ngemuva kokubika lolu daba nokulinda amahora angama-72, lo mdlali othanda imidlalo yevidiyo uthe i-Akhawunti yakhe iphinde yavulwa ngeSonto, mhla zi-10 kuMfumfu. 

“I-akhawunti yami yaku-Instagram isivuliwe. Angazi ukuthi ngenzenjani ngegama lami engiziqambe lona elithi-SquidGame njengoba bekhalazile ngalo/futhi kugcwele imiyalezo,” kubhale uLydia ku-Twitter. 

Lo mdlalo odlala ku-Netflix, owaqala mhla zi-17 kuMandulo ngonyaka wezi-2021, namanje awukabi nayo i-Akhawunti yaku-Instagram esemthethweni. 

Umthombo wesithombe: @SquidGame

Izihloko zakamuva