Linda Ximba
Umlingisi waseNingizimu Afrika ozinze eMelika, uNomzamo Mbatha, uzobuyela kumabonakude ngokubonakala emdlalweni owuchungechunge othi Shaka Ilembe, okhuluma ngomlando weLembe eleqa amanye amaLembe ngokuphalipha.
Umlingisi we-Coming 2 America useqinisekiswe njengo wesifazane ozihola phambili ochungechungeni.
Uzolingisa indawo kaNdlunkulu uNandi, unina kaShaka kaSenzangakhona, owaziwa ngelikaShaka Zulu, umsunguli woBukhosi bukaZulu owabusa kusukela ngo-1816 kuya ku-1828.
Lo mlingisi owazalelwa KwaMashu uphinde abe ngumdidiyeli omkhulu kulolu chungechunge olulindelwe ngabomvu, okuhlelwe ukuthi liphume ngo-2023.
UNdlunkulu uNandi wayegane uSenzangakhona.
ULemogang Tsipa uzodlala indawo yeSilo uShaka esemdala kanti uNtando Zondi uzodlala indawo kaShaka esemncane bese kuthi uThembinkosi Mthembu adlale eyeNkosi uDingiswayo kuthi uWiseman Mncube adlale eyeNkosi uZwide.
I-MultiChoice kanye ne-Bomb Productions bahmemezele esitatimendeni ukuthi uchungechunge seluqalile ukudidiyelwa kanti nokuqoshwa kuyaqhubeka eGoli naKwaZulu-Natal.
“Ukwazi ukuveza le ndaba ebalulekile kumabonakude ngethalente elimangalisayo kukhuluma ngomnyombo wokuzibophezela okuqhubekayo kwe-MultiChoice kanye nokutshala imali embonini yethu yezokuzijabulisa,” kusho isikhulu esiphezulu se-MultiChoice uYolisa Phahle.
“Sizibophezele ekuxoxeni izindaba ezinhle zase-Afrika futhi lolu wuchungechunge oluzigqajayo lwase-Afrika olukhulunywa ngabantu base-Afrika okokuqala ngqa.”
UMbatha uthe uzizwa ehloniphekile ngokudlala indawo kaNdlunkulu uNandi, wengeza ngokuthi unenhlanhla yokuba yingxenye yohlelo olukhulu “kunathi” nokuxoxa indaba ngolimi lwakhe.
U-Angus Gibson, ongumqondisi wezobuciko e-Bomb Productions, uthe: “Ngabalingisi abanethalente elijulile, kuwumlingo ukubona laba balingisi bephilisa abalingisi esibazi ezincwadini zomlando kuphela. Uma abalingisi befika enkundleni yokulingisa begqoke izingubo benze nezinwele zangaleso sikhathi, ngijabula kakhulu. “
Njengoba yasungulwa ngeminyaka yango-1700s, “iShaka Ilembe” ixoxa indaba ngomlando wenkosi yase-Afrika eyiqhawe , ixoxa kusukela ebunganeni bayo kuze kube ngesikhathi isindala.
Lo mdlalo usuthathe iminyaka eyisithupha wenziwa ngokuxoxisana nosomlando, izifundiswa kanye nenzalo yemindeni, okuhlanganisa neSilo Samabandla esakhothama uGoodwill Zwelithini kanye noMntwana uMangosuthu Buthelezi.